Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 17:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Lapho uSawule naye wonke u-Israyeli bezwa lawa mazwi omFilisti, bethuka, besaba kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Lapho uSawule naye wonke u-Israyeli bezwa lawo mazwi omFilisti, bashaywa luvalo, besaba kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Lapho uSawule naye wonke u-Israyeli bezwa lawo mazwi omFilisti, bashaywa luvalo, besaba kakhulu.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 17:11
12 Referans Kwoze  

Angililayanga yini? Qina, ume isibindi; ungesabi, ungapheli amandla, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.


NguJehova ohamba phambi kwakho; uyakuba nawe, akayikukushiya, akayikukushiya; ningesabi, ningapheli amandla.


Wesaba, noma wesaba bani, uze uqambe amanga, ungacabangi ngami, ungakubekeli enhliziyweni na? angizange ngithule kusukela kudala, wena awungesabi na?


Ababi bayabaleka bengaxoshwa muntu, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


Ihubo likaDavide. UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami; ngizakwesaba bani? uJehova ungamandla okuphila kwami; ngizosaba bani?


Lapho amaFilisti ezwa ukuthi abantwana bakwa-Israyeli babuthene eMispa, izikhulu zamaFilisti zahlasela u-Israyeli. Lapho abantwana bakwa-Israyeli bekuzwa lokho, besaba amaFilisti.


UmFilisti wathi: “Ngiyadelela namuhla impi yakwa-Israyeli; nginike indoda, silwe sobabili.


UDavide wayeyindodana yalowo mEfrata waseBetlehema Juda ogama lakhe lalinguJese; wayenamadodana ayisishiyagalombili; lowo muntu wayesemdala ezinsukwini zikaSawule phakathi kwabantu.


Amanye amaHeberu awela iJordani, aya ezweni lakwaGadi nelakwaGileyadi. Kepha uSawule wayeseseGiligali, bonke abantu bamlandela bethuthumela.


Washintsha ukuziphatha kwakhe phambi kwabo, wazihlanyisa ezandleni zabo, wanwaya ezicabheni zesango, wavumela amathe awela esilevini sakhe.


UJehova ungakimi; angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite