Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 14:47 - Contemporary Zulu Bible 2024

47 USawule wathatha ubukhosi kwa-Israyeli, walwa nazo zonke izitha zakhe nxazonke, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni, no-Edomi, namakhosi aseSoba, namaFilisti; futhi nomaphi lapho ephendukela khona, wayebahlupha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

47 USawule esethathile umbuso wakwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe nxazonke, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni, no-Edomi, namakhosi aseSoba, namaFilisti; nomaphi lapho ebheka khona, wayehlula.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

47 Lapho uSawule esewuthathile umbuso kwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe ezazimzungeze nxazonke: abakwaMowabi, abakwa-Amoni, abakwa-Edomi, amakhosi aseZobha namaFilisti; noma kuphi lapho ayeya khona wayefike avale ngehlahla.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 14:47
17 Referans Kwoze  

Babona oonyana baka-Amoni ukuthi bazinukisile phambi kukaDavide, oonyana baka-Amoni bathumela baqasha ama-Aram aseBetirehobhi nama-Aram aseTsobha, amadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amabili angumqikela;


Kwakukhona impi enzima namaFilisti zonke izinsuku zikaSawule; lapho uSawule ebona indoda enamandla noma iqhawe, wamyisa kuye.


UJehova akashongo ukuthi uyakwesula igama lika-Israyeli phansi kwezulu, kepha wabakhulula ngesandla sikaJerobowamu indodana kaJowashi.


UNkulunkulu wamvusela omunye omelene naye, uReshoni, indodana ka-Eliyada, owabaleka enkosini yakhe uHadadezeri, inkosi yaseSoba.


UDavide wamshaya noHadadezeri indodana kaRehobe, inkosi yaseSoba, ekuyeni kwakhe ukubuyisela umkhawulo wakhe ngasemfuleni u-Ewufrathe.


USawuli wasebusa phezu kukaIsrayeli umnyaka owodwa.


Bhekani, inkosi iyaphuma phambi kwenu, mina-ke sengimdala, ngiyimpunga; bhekani, amadodana ami akini, mina ngihambile phambi kwenu kusukela ebuntwaneni bami kuze kube namuhla.


USawule wakhuphuka wawalandela amaFilisti, amaFilisti aya endaweni yawo.


Kwakukhona lapho umuntu othile wezinceku zikaSawule ngalolo suku, eboshiwe phambi kukaJehova; igama lakhe lalinguDowegi umEdomi, induna yabelusi bakaSawule.


Eyokuqala yazala indodana, yaqamba igama layo ngokuthi uMowabi; unguyise wamaMowabi kuze kube namuhla.


Encane nayo yazala indodana, yaqamba igama layo ngokuthi uBenami; lowo unguyise wabantwana bakwa-Amoni kuze kube namuhla.


Lezi ziyizizukulwane zika-Esawu, lo ngu-Edomi.


U-Esawu wahlala entabeni yaseSeyiri: u-Esawu ungu-Edomi.


Lawa angamadodana ka-Esawu, lo ngu-Edomi, lezi izikhulu zawo.


Egazini lababuleweyo, emanoni amaqhawe, umnsalo kaJonathani awubuyanga, nenkemba kaSawule ayibuyanga ilambatha.


UDavide wabusa phezu kuka-Israyeli wonke; uDavide wenza ukwahlulela nokulunga kubo bonke abantu bakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite