Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 12:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Lapho sebekhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, wathengisa ngabo esandleni sikaSisera induna yempi yaseHasori, nasesandleni samaFilisti, nasesandleni senkosi yakwaMowabi, balwa nabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Kepha bakhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, wathengisa ngabo esandleni sikaSisera induna yempi yaseHasori, nasesandleni samaFilisti, nasesandleni senkosi yakwaMowabi, balwa nabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 “Sebelapho bakhohlwa nguSimakade uNkulunkulu wabo. Wayesethengisa ngabo esandleni sikaSisera, induna yempi eHazori, esandleni samaFilisti, nasesandleni senkosi yakwaMowabi; balwa nabo.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 12:9
15 Referans Kwoze  

Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engamashumi amane.


Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wathengisa ngabo esandleni samaFilisti nasesandleni sabantwana bakwa-Amoni.


UJehova wabathengisa esandleni sikaJabini inkosi yaseKhanani, owayebusa eHasori; induna yakhe kwakunguSisera, owayehlala eHaroshethi labezizwe.


Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wamnika u-Egiloni inkosi yakwaMowabi amandla phezu kuka-Israyeli, ngokuba benza okubi emehlweni kaJehova.


Edwaleni elakuzalayo, awunakucatshangwa, ukhohlwe uNkulunkulu owakuzalayo.


Intombi ingakhohlwa yini izivunulo zayo, nomakoti ingubo yakhe, na? Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.


Kepha bahlubuka, bahlupha uMoya wakhe oNgcwele; ngalokho waba yisitha sabo walwa nabo.


Bakhohlwa uNkulunkulu, umsindisi wabo, owenza izinto ezinkulu eGibithe;


Emva kwakhe kwaba nguSamgari indodana ka-Anati owabulala kumaFilisti amadoda angamakhulu ayisithupha ngociko lwenkabi; wasindisa no-Israyeli.


Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga, wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke, ukuze bangabe besakwazi ukuma phambi kwezitha zabo.


Inkulungwane iyakubaleka kanjani, nezinkulungwane ezimbili eziyishumi zingabaleka, uma iDwala labo lingathengisanga ngabo, uJehova ebavalile na?


Kepha uma ningalilaleli izwi likaJehova, nihlubuke emyalezweni kaJehova, isandla sikaJehova siyakumelana nani, njengalokho samelana nawoyihlo.


Kusukela kulesosikhathi engalaya ngaso ukuthi babe ngabahluleli phezu kwabantu bami uIsrayeli, nganiphumuza kuzo zonke izitha zakho. UJehova futhi uyakutshela ukuthi uzokwenzela indlu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite