Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 12:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Akuvunwa ukolweni namuhla na? Ngiyakumbiza uJehova, anise ukuduma nemvula; ukuze nibone, nibone ukuthi ububi benu bukhulu enibenzile phambi kukaJehova ngokuzicelela inkosi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Angithi kuyisikhathi sokuvuna ukolweni namuhla na? Ngiyakukhuleka kuJehova ukuba athume ukuduma nemvula, nazi, nibone ukuthi okubi kwenu enikwenzile emehlweni kaJehova ngokucela inkosi kukhulu.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Angithi namuhla yisikhathi sokuvuna ukolo na? Ngizokhuleka kuSimakade ukuba alethe ukuduma nemvula, ukuze nazi, nibone ukuthi bukhulu kangakanani ububi enibenzile emehlweni kaSimakade ngokucela inkosi.”

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 12:17
13 Referans Kwoze  

INkosi yasisithi kuSamuweli: Lalela ilizwi labantu kukho konke abakutsho kuwe, ngoba kabakulahlanga wena, kodwa bangilahlile mina, ukuze ngingabi yinkosi phezu kwabo.


Njengeqhwa ehlobo, njengemvula ngesikhathi sokuvuna, kanjalo udumo alufanele isiwula.


Wayesethi uJehova kimi: “Noma oMose noSamuweli babemi phambi kwami, nokho imicabango yami yayingenakubhekisa kulaba bantu; zilahle ebusweni bami, ziphume.


OMose no-Aroni phakathi kwabapristi bakhe, noSamuweli phakathi kwababiza igama lakhe; bambiza uJehova, wabaphendula.


UJoshuwa wayesekhuluma kuJehova mhla uJehova enikela ama-Amori kubantwana bakwa-Israyeli, wathi phambi kwamehlo ka-Israyeli: “Langa, yima eGibeyoni; nawe nyanga esigodini sase-Ajaloni.


USamuweli wathi: “Buthani wonke u-Israyeli eMispa, nginikhulekele kuJehova.


Kodwa le ndaba yayimbi emehlweni kaSamuweli lapho bethi: “Sinike inkosi ukuba isahlulele.” USamuweli wakhuleka kuJehova.


Bhekani-ke, inkosi enayikhetha, ebeniyifisa; bhekani, uJehova ubeke inkosi phezu kwenu.


Bonke abantu bathi kuSamuweli: “Khulekela izinceku zakho kuJehova uNkulunkulu wakho, ukuze singafi; ngoba senezele lobu bubi kuzo zonke izono zethu ukuba sizicelele inkosi.


Kwathi ngangomuso uMose wathi kubantu: “Nenze isono esikhulu; manje ngizokhuphukela eNkosini; mhlawumbe ngizakuhlawulela isono senu.


Abamelene noJehova bayochotshozwa; esezulwini uyakuduma phezu kwabo; uJehova uyakwahlulela imikhawulo yomhlaba; iyakunika inkosi yayo amandla, iphakamise uphondo logcotshiweyo wayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite