Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 12:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Lapho nibona ukuthi uNahashi, inkosi yabantwana bakwa-Amoni, uyeza ukulwa nani, nathi kimi: ‘Qha; kepha inkosi iyakusibusa, lapho uJehova uNkulunkulu wenu eyinkosi yenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Kepha lapho nabona uNahashi inkosi yabantwana bakwa-Amoni ephuma ukulwa nani, nathi kimi: ‘Hhayi, kepha masibuswe yinkosi,’ ingani uJehova uNkulunkulu wenu wayeyinkosi yenu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 “Kuthe lapho nibona uNahashi, inkosi yabakwa-Amoni, eza ukuzonihlasela, nathi kimi: ‘Qha, kepha nathi masibuswe yinkosi,’ naphezu kokuba uSimakade uNkulunkulu wenu eyinkosi yenu.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 12:12
15 Referans Kwoze  

Wayesethi uGideyoni kubo: “Angiyikunibusa, nendodana yami ayiyikunibusa; uJehova uyakubusa phezu kwenu.


Nina nimlahlile namuhla uNkulunkulu wenu, owanisindisa kuzo zonke izinhlupheko zenu nezinsizi zenu; laselisithi kuye: Hatshi, kodwa sibekele inkosi phezu kwethu. Manje zimiseni phambi kukaJehova ngokwezizwe zenu nangezinkulungwane zenu.


Mina ngizakuba yinkosi yenu; uphi omunye ongakusindisa emizini yakho yonke na? nabahluleli bakho owasho ngabo ukuthi: ‘Nginike inkosi nezikhulu;


Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu, uJehova unguMniki-mthetho wethu, uJehova uyinkosi yethu; uzosisindisa.


Ngoba uNkulunkulu uyiNkosi yami kusukela endulo owenza insindiso phakathi komhlaba.


Amadodana akhe awahambanga ngezindlela zakhe, kepha aphambukela ekuzuzeni inzuzo, amukela isifumbathiso, aphendukezela isahlulelo.


Nivukele namuhla indlu kababa namadodana akhe, abantu abangamashumi ayisithupha neshumi, ababulala etsheni linye, nabeka u-Abimeleki, indodana yencekukazi yakhe, inkosi phezu kwabemi bakwaShekemi, ngokuba engumfowenu;)


Akabonanga bubi kuJakobe, no-Israyeli akabonanga nkohliso; uJehova uNkulunkulu wakhe unaye, nokukhala kwenkosi kuphakathi kwabo.


Ngiyakumisa isivumelwano sami phakathi kwami nawe nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo sibe yisivumelwano esiphakade, ngibe nguNkulunkulu kuwe nakuyo inzalo yakho emva kwakho.


Ngokufanayo lapho wonke amaJuda ayekwaMowabi naphakathi kwabantwana bakwa-Amoni nakwa-Edomi nabasemazweni wonke ezwa ukuthi inkosi yaseBhabhiloni yayishiye ngemva insali yakwaJuda nokuthi ibeke indodana uGedaliya phezu kwayo. Ka-Ahikamu indodana kaShafani;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite