Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kwabaseKorinte 8:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kepha nxa nona kanjalo kubazalwane, nilimaza unembeza wabo obuthakathaka, nona kuKristu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Kanjalo uma nona kubazalwane, nilimaza unembeza wabo obuthakathaka, niyona kuKristu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Kanjalo uma nona kubazalwane, nilimaza unembeza wabo obuthakathaka, nona kuKhristu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Kepha nxa nona kanjalo kubazalwane, nilimaza unembeza wabo obuthakathaka, nona kuKristu.

Gade chapit la Kopi




1 kwabaseKorinte 8:12
18 Referans Kwoze  

Kodwa okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa kimi, kungcono kuye ukuthi itshe lokuchola ligaxwe entanyeni yakhe, acwiliswe ekujuleni kolwandle.


Khona izabaphendula, ithi: Ngiqinisile ngithi kini: Njengoba lingakwenzanga komunye walaba abancinyane, kalikwenzanga kimi.


Ngokuba njengalokhu umzimba umunye, kepha unezitho eziningi, nezitho zonke zalowo mzimba munye, nakuba ziziningi, zingumzimba munye, unjalo noKristu.


Inkosi iyakuphendula, ithi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Njengoba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile nakimi.


UPetro wasesondela kuye wathi: Nkosi, umfowethu uzangona kangaki, ngimthethelela? kuze kube kasikhombisa na?


Xwayani ukuba ningadeleli noyedwa walaba abancinyane; ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.


Ngaphezu kwalokho, baba, bheka, yebo, bheka isicephu sejazi lakho esandleni sami; ngenxa yokuthi nganquma isiqephu sengubo yakho, angikubulalanga, uyazi, uyabona ukuthi akukho bubi nasiphambeko esandleni sami, futhi angonanga kuwe; nokho nifuna umphefumulo wami ukuwuthatha.


Uma umuntu ona komunye, umahluleli makamahlulele; kepha uma umuntu ona kuJehova, ngubani ongamlamulela na? Kodwa kabalilalelanga ilizwi lendoda, ngoba uJehova wayezababulala.


UMozisi wasesithi kuAroni: Lababantu benzeni kuwe ukuthi uzehlisele phezu kwabo isono esikhulu kangaka?


Wayesethi uMose: “Kuyakuthi uma uJehova eninika inyama kusihlwa ukuba nidle, nesinkwa ekuseni nisuthe; ngokuba uJehova uyezwa ukububula kwenu ngaye. Futhi siyini? anikhononi ngathi, kepha niphikisana neNkosi.


URubeni wabaphendula wathi: “Angikhulumanga kini ngathi: Ningoni kumntwana; kanti ubungafuni ukuzwa? ngakho-ke, bheka, igazi lakhe liyabizwa.


U-Abimeleki wayesembiza u-Abrahama, wathi kuye: “Wenzeni kithi na? futhi ngone ngani ukuba ulethe isono esikhulu phezu kwami naphezu kombuso wami na? Ungenzele izinto okungafanele zenziwe.


Noma ngubani okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa yimi, kungcono kuye ukuba itshe lokuchola ligaxwe entanyeni yakhe, aphonswe olwandle.


Bekungaba ngcono kuye ukuba itshe lokuchola ligaxwe entanyeni yakhe, aphonswe olwandle, kunokuba akhubekise abe munye kulaba abancinyane.


Ungawuchithi umsebenzi kaNkulunkulu ngokudla. Zonke izinto zihlanzekile; kodwa kubi kulowomuntu odla ngokukhubeka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite