Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kwabaseKorinte 4:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ize ifike iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihliweyo kobumnyama, iveze obala amacebo ezinhliziyo, khona-ke yilowo nalowo uyakuba nodumo kuNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihlakeleyo kobumnyama, iveze obala izizindlo zezinhliziyo; lapho-ke yilowo nalowo uyakuthola ukubongwa kuNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ize ifike iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihliweyo kobumnyama, iveze obala amacebo ezinhliziyo, khona-ke yilowo nalowo uyakuba nodumo kuNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




1 kwabaseKorinte 4:5
48 Referans Kwoze  

Ngakho bekezelani, bazalwane, kuze kube sekufikeni kweNkosi. Bhekani, umlimi ulindela isithelo somhlaba esinqabileyo, uyabekezela ngaso, aze amukele imvula yokuqala neyamuva.


Ngokuba sonke simelwe ukubonakala phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu; ukuze yilowo nalowo amukele izinto ezenziwe ngomzimba wakhe, njengalokho akwenzileyo, noma kuhle noma kubi.


Umsebenzi walowo nalowo uyakubonakaliswa, ngokuba usuku luyakuwudalula, ngokuba uyakwambulwa ngomlilo; nomsebenzi walowo nalowo umlilo uyakuvivinya ukuthi unjani.


Asikho isidalwa esingabonakali phambi kwakhe, kepha zonke izinto zíze, zivuliwe emehlweni alowo esizinda kuye.


Ngoba akusiye ozincomayo owamukelekayo, kodwa onconywa yiNkosi.


Ngosuku uNkulunkulu azakwahlulela ngalo izimfihlo zabantu ngoJesu Khristu ngokwevangeli lami.


Ngakho awunakuzilandulela, wena muntu, noma ungubani owahlulelayo; ngokuba ngalokho owahlulela ngakho omunye, uyazilahla wena; ngoba wena owahlulelayo uyakwenza okufanayo.


Ngabona abafileyo, abancane nabakhulu, bemi phambi kukaNkulunkulu; izincwadi zavulwa, nenye incwadi yavulwa, eyincwadi yokuphila; abafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.


Ngokuba uNkulunkulu uyakuyisa yonke imisebenzi ekwahlulelweni kanye nakho konke okufihliweyo, kungakhathaliseki ukuthi kuhle noma kubi.


ukuze ukuvivinywa kokholo lwenu, okuligugu kakhulu kunegolide elibhubhayo, nakuba livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube yindumiso nodumo nenkazimulo ekubonakaleni kukaJesu Kristu;


Kodwa umJuda enguye ngaphakathi; nokusoka kungokwenhliziyo emoyeni, kungabi ngokombhalo; okudumisa kwakhe akuveli kubantu, kodwa kuNkulunkulu.


Kodwa sizilahlile izinto ezifihlakeleyo zehlazo, kasihambi ngobuqili, singaphambanisi ilizwi likaNkulunkulu; kodwa ngokuveza iqiniso sizincoma kunembeza wabantu bonke phambi kukaNkulunkulu.


Ungubani wena owahlulela inceku yomunye na? ukuma noma ukuwa enkosini yaso. Yebo, uyakuphakanyiswa, ngokuba uNkulunkulu unamandla okummisa.


Ningakholwa kanjani nina enidumisa omunye komunye, ningaludingi udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa na?


Lingakhulumi kubi, bazalwane. Ohlambalaza umzalwane wakhe, ahlulele umzalwane wakhe, ukhuluma kabi ngomthetho, wahlulela umthetho;


Ningahluleli, khona aniyikwahlulelwa; ningalahli, khona aniyikulahlwa;


Ibusisiwe leyo nceku okuyakuthi inkosi yayo nxa ifika iyifumane yenze njalo.


Bheka, uyeza namafu; namehlo onke ayakumbona, nabamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Noma kunjalo Amen.


Kuyakuthi lapho ebonakala uMalusi omkhulu, niyakwamukeliswa umqhele wenkazimulo ongabuniyo.


Ngokuba nina ngokwenu nazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku.


UJesu wathi kuye: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na? ngilandele.


bethi: Siphi isithembiso sokufika kwakhe? ngoba selokhu okhokho balala, zonke izinto zimi njengoba zazinjalo kusukela ekuqaleni kokudalwa.


Inkosi yakhe yathi kuye: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo; ubuthembekile ezintweni eziyingcosana, ngizakubeka phezu kwezinengi; ngena entokozweni yenkosi yakho.


Khona lizabuya, lihlukanise phakathi kolungileyo lomubi, phakathi kokhonza uNkulunkulu lalowo ongamkhonziyo.


Naye u-Enoke, owesikhombisa kusukela ku-Adamu, waprofetha ngalaba, wathi: “Bheka, iNkosi iyeza nezinkulungwane eziyishumi zabangcwele bayo.


nilindele, nijahe ukufika kosuku lukaNkulunkulu, lapho amazulu eyakusha, ancibilike, nezakhi zincibilike ngokushisa okukhulu?


Kodwa ngulowo lalowo esigabeni sakhe: UKristu ulibo; ngasemuva abangabakaKristu ekufikeni kwakhe.


Ngokuba njalo, nxa nidla lesi sinkwa, niphuza lesisitsha, nimemezela ukufa kweNkosi ize ifike.


Ngakho-ke anisileli ngesipho; nilindele ukufika kweNkosi yethu uJesu Kristu;


Kulabo abathi ngokubekezela ekwenzeni okuhle badinga inkazimulo lodumo lokungabhubhi, impilo elaphakade;


Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, khona-ke izizwe zonke zomhlaba ziyakuzila, futhi zibone iNdodana yomuntu iza ngamafu ezulu inamandla nenkazimulo enkulu.


Jabula, nsizwa, ebusheni bakho; inhliziyo yakho mayikuthokozise emihleni yobusha bakho, uhambe ezindleleni zenhliziyo yakho nangokubona kwamehlo akho; kepha yazi ukuthi uNkulunkulu uyakukuyisa ekulungeni ngazo zonke lezi zinto.


Kepha otshalayo noniselayo bamunye, kepha yilowo nalowo uyakwamukeliswa owakhe umvuzo ngokomshikashika wakhe.


Inkosi yakhe yathi kuye: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo!


Uyambula izinto ezijulileyo ebumnyameni, akhiphe ithunzi lokufa.


Ngokuba amehlo ami akuzo zonke izindlela zabo; azifihlekile ebusweni bami, nobubi bazo abufihlekile emehlweni ami.


Ngizwile abakutshoyo abaprofethi abaprofetha amanga ebizweni lami besithi: Ngiphuphile, ngiphuphile.


Bahlabela inyama yemihlatshelo yami, bayidle; kepha uJehova akabemukeli; manje uyakukhumbula ukona kwabo, ahambele izono zabo; bayakubuyela eGibithe.


Ngakho-ke ningabesabi, ngokuba akukho okumboziwe okungayikwambulwa; lokufihliweyo, okungasoze kwaziwa.


Khona leli zwi laphumela kubazalwane ukuthi lowo mfundi akayikufa; kodwa ukuthi: Uba ngithanda ukuthi ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe?


Uma umsebenzi womuntu awakhileyo phezu kwalokho umi, uyakwamukeliswa umvuzo.


Kepha uma umuntu ebonakala ephika, asinawo umkhuba onjalo thina, namabandla kaNkulunkulu kawanawo.


Ningagqubuthelani, bazalwane, ukuze ningalahlwa; bhekani, umahluleli umi ngasemnyango.


Umuntu uyakudunyiswa ngokokuhlakanipha kwakhe, kepha onenhliziyo embi uyadelelwa.


Ukuze ngingabonakali sengathi ngingethuse ngezincwadi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite