Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kwabaseKorinte 4:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba angazi lutho ngokwami; nokho angilungisiswa ngalokho, kepha ongahlulelayo yiNkosi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngokuba angizinyezi ngalutho ngokwami, nokho angilungisisiwe ngalokho; kepha ongahlulelayo yiNkosi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Ngokuba angizinyezi ngalutho, nokho angilungisisiwe ngalokho, kodwa ongahlulelayo yiNkosi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Ngokuba angazi lutho ngokwami; nokho angilungisiswa ngalokho, kepha ongahlulelayo yiNkosi.

Gade chapit la Kopi




1 kwabaseKorinte 4:4
24 Referans Kwoze  

Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho, ngokuba phambi kwakho akukho muntu ophilayo oyakulungisiswa.


Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?


Ngokuba ukuthokoza kwethu yilokhu, ubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi ngobuqotho nangobuqotho bukaNkulunkulu, sihambe ngokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu, kakhulu kinina kakhulu.


Zonke izindlela zomuntu zilungile emehlweni akhe, kepha uJehova uhlola izinhliziyo.


Ubani ongaqonda amaphutha akhe? Ngihlanze emaphutheni afihliweyo.


Ngokuba sonke simelwe ukubonakala phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu; ukuze yilowo nalowo amukele izinto ezenziwe ngomzimba wakhe, njengalokho akwenzileyo, noma kuhle noma kubi.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ize ifike iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihliweyo kobumnyama, iveze obala amacebo ezinhliziyo, khona-ke yilowo nalowo uyakuba nodumo kuNkulunkulu.


Ngokuba akusibo abezwa umthetho abalungile phambi kukaNkulunkulu, kepha abenza umthetho yibona abayakulungisiswa.


Bhekani, ngikhohlakele; ngizokuphendula ngithini? Ngizobeka isandla sami emlonyeni wami.


Ngiyakubamba ukulunga kwami, angikuyeke; inhliziyo yami ayiyikungithuka zonke izinsuku zami.


Pho umuntu angalungisiswa kanjani nguNkulunkulu? Ozelwe ngowesifazane angaba msulwa kanjani na?


UPawuli wawugqolozela umphakathi, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngihambile phambi kukaNkulunkulu nginonembeza wonke omuhle kuze kube namuhla.


Wathi kuye ngokwesithathu: Simoni kaJona, uyangithanda na? UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: Uyangithanda na? Wathi kuye: “Nkosi, wazi zonke izinto wena; uyazi ukuthi ngiyakuthanda. UJesu wathi kuye: Dlisa izimvu zami.


Uyini umuntu ukuba abe mhlophe? nozelwe ngowesifazane ukuba abe ngolungileyo na?


Uma ngizilungisisa, umlomo wami uyakungilahla; uma ngithi: Ngiphelele, lokho kuyongifakazela ukuthi ngingalungile.


Ngokuba uma u-Abrahama walungisiswa ngemisebenzi, unakho ukuzibonga; kodwa hhayi phambi kukaNkulunkulu.


Amazulu ayakumemezela ukulunga kwakhe, ngokuba uNkulunkulu ungumahluleli. Sela.


Unyawo lwami lumi endaweni ehlelelekileyo; emabandleni ngiyakumdumisa uJehova.


Abaningi bafuna umusa wombusi; kepha ukwahlulela kwawo wonke umuntu kuvela kuJehova.


Kepha kimina kuyinto encane kakhulu ukuba ngahlulelwe yinina noma ngokwahlulela kwabantu; yebo, angizahluleli mina ngokwami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite