Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kwabaseKorinte 4:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 sikhandleka, sisebenza ngezethu izandla; sithi sizingelwa, sibekezelela;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 siyakhandleka, sisebenza ngezandla zethu; sithi sithukwa, sibe sibusisa; sithi sizingelwa, sibe sibekezela;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 siyakhandleka, sisebenza ngezandla zethu. Kuthi lapho sethukwa, thina sibusise; uma sizingelwa, thina siqinisele.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 sikhandleka, sisebenza ngezethu izandla; sithi sizingelwa, sibekezelela;

Gade chapit la Kopi




1 kwabaseKorinte 4:12
23 Referans Kwoze  

ningaphindiseli okubi ngokubi, nokuthuka ngokuthuka, kodwa ngokuphambene nibusise; nazi ukuthi nabizelwa lokho, ukuze nidle ifa lesibusiso.


Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.


Babusiseni abanizingelayo; busisani, ningaqalekisi.


Ngakho-ke uma isitha sakho silambile, siphe sidle; uma somile, siphuzise, ngokuba ngokwenza lokho uyakubuthela amalahle omlilo ekhanda laso.


Njengokuba yena engowomsebenzi ofanayo, wahlala nabo esebenza, ngokuba umsebenzi wabo babengabathungi bamatende.


Babusiseni abaniqalekisayo, nibakhulekele abaniphatha kabi.


Kepha uma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe;


owathi ethukwa, akaphindanga athuke; lapho ehlupheka, akasongelanga; kodwa wayezinikele kuye owahlulela ngokulunga.


UJesu wayesethi: “Baba, bathethelele; ngoba kabakwazi abakwenzayo. Babelana izingubo zakhe, benza inkatho yokuphosa.


Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nenze okuhle kwabalizondayo, nibakhulekele abaniphatha kabi, banizingele;


Waseguqa phansi, wamemeza ngelizwi elikhulu wathi: Nkosi, ungababaleli lesisono. Eseshilo lokho walala ubuthongo.


Khumbulani izwi engalikhuluma kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo. Uma bengizingele mina, nani bayakunizingela; uma beligcinile izwi lami, bayakuligcina nelenu.


Kepha uMikayeli, ingelosi enkulu, lapho ebambene noSathane bephikisana ngesidumbu sikaMose, akabanga nasibindi sokumbeka icala lokuthuka, kodwa wathi: “INkosi mayikukhuze.


Ngokuba ngalokho siyakhandleka futhi siyathukwa, ngokuba sithembele kuNkulunkulu ophilayo onguMsindisi wabantu bonke, ikakhulukazi wabakholwayo.


Asidlanga sinkwa samuntu mahhala; kodwa sisebenza ngokukhandleka nangomshikashiko ubusuku nemini, ukuze singabi mthwalo kunoma yimuphi kini.


Ngokuba niyakhumbula, bazalwane, umshikashika wethu nokushikashikeka kwethu, sisebenza ubusuku nemini, ukuze singasindi muntu kini, sashumayela ivangeli likaNkulunkulu kini.


Kumbe yimina kuphela loBarnabasi esilamandla okuyekela ukusebenza?


Nani ngokwenu niyazi ukuthi lezi zandla zisebenzele izidingo zami nezababe nami.


Ngakho-ke abahluphekayo ngokwentando kaNkulunkulu mababeke kuye imiphefumulo yabo ekwenzeni okuhle njengakuMdali othembekileyo.


Ngubani oyakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma usizi, noma ukucindezeleka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba-ze, noma ingozi, noma inkemba?


Ngaphanga amanye amabandla, ngithatha iholo kuwo, ukuze ngikhonze nina.


Owebayo makangabe eseba, kodwa kunalokho makakhuthale, asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe nokokwabela osweleyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite