Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kwabaseKorinte 3:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kepha uma umuntu akha phezu kwalesi sisekelo ngegolide, nesiliva, namatshe anenani, nemithi, notshani, nezinhlanga;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Kepha uma umuntu akha phezu kwaleso sisekelo ngegolide, nesiliva, namatshe anenani, nemithi, notshani, nenhlanga,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Kepha uma umuntu akha phezu kwalesi sisekelo ngegolide, ngesiliva, ngamatshe enani eliphezulu, ngezingodo, ngotshani nangezinhlanga,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Kepha uma umuntu akha phezu kwalesi sisekelo ngegolide, nesiliva, namatshe anenani, nemithi, notshani, nezinhlanga;

Gade chapit la Kopi




1 kwabaseKorinte 3:12
33 Referans Kwoze  

Ngokuba siyeza isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilileyo; kodwa ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi, beluma izindlebe;


Njalo befunda, kodwa bengabe besakwazi ukufinyelela olwazini lweqiniso.


Kepha endlini enkulu azikho izitsha zegolide nezesiliva kuphela, kodwa nezemithi nezebumba; lezinye ngezodumo, labanye ziyihlazo.


Isakhiwo sogange lwawo kwakuyijaspi, nomuzi wawuyigolide elicwengekileyo, linjengengilazi ecwebezelayo.


Ngiyakululeka ukuba uthenge kimi igolide elicwengisiswe emlilweni, ukuze ucebe; nezingubo ezimhlophe, ukuze wembathe, kungabonakali ihlazo lobunqunu bakho; nomuthi wamehlo uwugcobe amehlo akho, ukuze ubone.


ukuze ukuvivinywa kokholo lwenu, okuligugu kakhulu kunegolide elibhubhayo, nakuba livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube yindumiso nodumo nenkazimulo ekubonakaleni kukaJesu Kristu;


Umthetho womlomo wakho muhle kimi kunezinkulungwane zegolide nesiliva.


Kuyathandeka kunegolide, yebo, kunegolide elicwengekileyo; futhi imnandi kunezinyosi namakhekheba.


Kepha nginezinto eziyingcosana ngawe, ngokuba unabo lapho ababambe isifundiso sikaBileyamu owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, ukuba badle okuhlatshelwe izithombe, benze ubufebe.


Ningahujwa yizimfundiso eziyizinhlobonhlobo nezingaziwayo. Ngokuba kuhle ukuthi inhliziyo iqiniswe ngomusa; kungeyisikho ngokudla, abangazuzanga ngakho abahlezi kukho.


Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.


Uma umuntu efundisa enye into, engavumelani namazwi aphilileyo, amazwi eNkosi yethu uJesu Kristu, nesifundiso esivumelana nokumesaba uNkulunkulu;


Xwayani funa kube khona oniphanga ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize, ngokwesiko labantu, ngezifundiso zokucathula zezwe, kungengokukaKristu.


Ngokuba asinjengabaningi abonakalisa izwi likaNkulunkulu, kepha njengabaqotho, njengabavela kuNkulunkulu phambi kukaNkulunkulu sikhuluma sikuKristu.


Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nezikhubekiso bephambene nesifundiso enasifundiswa nina; futhi ubagweme.


Nakini ngokwenu kuyakuvela amadoda, ekhuluma izinto ezonakele, ukuze ahuge abafundi emva kwabo.


Umprofethi onephupho makalandise iphupho; futhi noma ubani onezwi lami, makakhulume izwi lami ngokwethembeka. Ayini amakhoba kakolweni? kusho uJehova.


Esikhundleni sethusi ngiyakuletha igolide, esikhundleni sensimbi ngilethe isiliva, esikhundleni sokhuni ithusi, esikhundleni samatshe ngilethe insimbi; ngiyakwenza ukuthula ezincekwini zakho nokwahlulela izinceku zakho.


Ungengezi emazwini akhe, funa akusole, ufunyanwe ungumqambimanga.


Yeka ukuthi kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide! futhi ukuzuza ukuqonda kungcono kukhethwe kunesiliva!


Yamukelani ukulaywa kwami, hatshi isiliva; nolwazi kunegolide elihle.


Kodwa sizilahlile izinto ezifihlakeleyo zehlazo, kasihambi ngobuqili, singaphambanisi ilizwi likaNkulunkulu; kodwa ngokuveza iqiniso sizincoma kunembeza wabantu bonke phambi kukaNkulunkulu.


Ngokuba akakho ongabeka esinye isisekelo, kuphela leso esibekiweyo, esinguJesu Kristu.


Umsebenzi walowo nalowo uyakubonakaliswa, ngokuba usuku luyakuwudalula, ngokuba uyakwambulwa ngomlilo; nomsebenzi walowo nalowo umlilo uyakuvivinya ukuthi unjani.


Khona-ke abantu bahlakazeka ezweni lonke laseGibhithe ukuze babuthe izinhlanga esikhundleni sotshani.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite