Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kwabaseKorinte 3:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo, njengomakhi ohlakaniphileyo ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kodwa yilowo nalowo makaqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo, njengenyanga yokwakha ehlakaniphileyo ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kepha akube yilowo nalowo aqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Ngokomusa kaNkulunkulu engiphiwe wona, njengengcweti yomakhi, ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kepha makube yilowo nalowo aqaphelisise ukuthi wakha kanjani phezu kwaso.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo, njengomakhi ohlakaniphileyo ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kodwa yilowo nalowo makaqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso.

Gade chapit la Kopi




1 kwabaseKorinte 3:10
37 Referans Kwoze  

Ngokuba akakho ongabeka esinye isisekelo, kuphela leso esibekiweyo, esinguJesu Kristu.


Nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaprofethi, uJesu Kristu uqobo lwakhe eyitshe legumbi;


Yebo, ngokunjalo ngazama ukushumayela ivangeli, kungeyisikho lapho uKristu abizwa khona, ukuze ngingakhi phezu kwesisekelo somunye;


Labahlakaniphileyo bayakukhanya njengokubenyezela komkhathi; nalabo abaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze kube phakade naphakade.


Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo nehlakaniphileyo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi esifaneleyo na?


Izisekelo zogange lomuzi zazihlotshiswe ngawo wonke amatshe anenani. Isisekelo sokuqala sasiyijaspi; eyesibili isafire; eyesithathu ikalkedoni; eyesine iyisimaragidu;


Uma ngingesiye umphostoli kwabanye, nokho kinina nginguye, ngokuba uphawu lobuphostoli bami eNkosini yinina.


Ngakho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala;


Uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu; uma umuntu ekhonza, makakhonze ngokwamandla awaphiwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu akhazinyuliswe ezintweni zonke ngoJesu Kristu, makube kuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


Khuphela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso.


Lithi ku-Arkiphu: Qaphela inkonzo oyitholile eNkosini, ukuze uyifeze.


Ngoba ngomusa engiwuphiweyo, ngithi kuwo wonke umuntu ophakathi kwenu ukuthi angazicabangeli ngaphezu kwalokho afanele ukukucabanga; kodwa acabange ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele yilowo nalowo isilinganiso sokukholwa.


esamukele ngaye umusa nobuphostoli, kube ngukulalela ekukholweni phakathi kwezizwe zonke ngenxa yegama lakhe;


Kwathi esezimisele ukudlulela eAkhaya, abazalwane baloba, bekhuthaza abafundi ukuthi bamamukele;


Ngakho qaphela ukuba ukukhanya okukuwe kungabi ngubumnyama.


Futhi phezu kwalokho, ngenxa yokuthi umshumayeli wayehlakaniphile, waqhubeka efundisa abantu ulwazi; yebo, wacabangisisa, waphenya, walungisa amazwi amaningi.


Ningabi ngabafundisi abaningi, bazalwane bami, nazi ukuthi siyakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.


Ziqaphele wena nesifundiso; hlala kuzo, ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nabakuzwayo.


Nami ngiyakukhandlekela lokho, ngilwa ngokokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.


Nokho, bazalwane, nginilobele ngesibindi esikhulu ngandlela-thile, kungathi ngiyanikhumbuza, ngenxa yomusa engiwuphiweyo nguNkulunkulu;


Wathi: “Xwayani ningadukiswa; nesikhathi sisondele; ngakho-ke ningabalandeli.


Izandla zikaZerubabele zabeka isisekelo sale ndlu; izandla zakhe nazo ziyakuqeda; niyakwazi ukuthi uJehova Sebawoti ungithumile kini.


UHuramu wasesithi: Kayibusiswe iNKOSI uNkulunkulu kaIsrayeli, owenza izulu lomhlaba, owanika inkosi uDavida indodana ehlakaniphileyo, ehlakaniphileyo, eqedisisayo, eyamakhelayo iNKOSI indlu, lendlu eyayakha umbuso wayo.


Ugange lomuzi lwalunezisekelo eziyishumi nambili, nakuzo amagama abaphostoli abayishumi nambili beWundlu.


Singazincomi ngaphezu kwesilinganiso sethu, okungukuthi, ngemisebenzi yabanye; kodwa sinethemba, nxa ukholo lwenu lukhula, sizakwandiswa kini ngokwesimiso sethu kakhulu;


Ukuhlakanipha kwakha indlu yakho, kwaqopha izinsika zakho eziyisikhombisa.


sathuma uThimothewu umzalwane wethu, isikhonzi sikaNkulunkulu, nesisebenzi kanye nathi evangelini likaKristu, ukuze aniqinise, aniduduze ekukholweni kwenu;


Nithi ukubekezela kweNkosi yethu kuyinsindiso; njengoba laye umzalwane wethu othandekayo uPawuli ekulobela kwakhe ngokuhlakanipha akunikwayo;


Bonke abahlakaniphileyo ababewenza wonke umsebenzi wendlu engcwele baphuma, kwaba yilowo nalowo emsebenzini wabo ababewenzile;


Umuntu uyakudunyiswa ngokokuhlakanipha kwakhe, kepha onenhliziyo embi uyadelelwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite