Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kwabaseKorinte 15:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 elisindiswa ngazo futhi, uma nikukhumbula lokho enganishumayeza khona, ngaphandle uma nikholwa ize.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 nenisindiswa ngalo, nxa nibambelela ezwini enganishumayeza lona, uma kambe ukukholwa kwenu kungabanga yize.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 enisindiswa ngalo uma nibambelela ezwini enganishumayeza lona, ngaphandle kokuba ukukholwa kwenu kwaba yize.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 elisindiswa ngazo futhi, uma nikukhumbula lokho enganishumayeza khona, ngaphandle uma nikholwa ize.

Gade chapit la Kopi




1 kwabaseKorinte 15:2
31 Referans Kwoze  

Kodwa uKristu njengendodana phezu kwendlu yakhe; esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nokuzibonga kwethemba kuze kube sekupheleni.


Ngakho-ke sifanele ukunakisisa kakhulu lokho esikuzwileyo, funa noma nini sishelele.


Ngokuba senziwe abahlanganyeli bakaKristu, uma sibambelela ngokuqinile ekuqaleni kwethemba lethu kuze kube sekupheleni;


Owasisindisayo, wasibiza ngobizo olungcwele, kungeyisikho ngokwemisebenzi yethu, kodwa njengokwenhloso yakhe lomusa esiwuphiwa kuKristu Jesu ngaphambi kwezikhathi.


Uma nihlala ekukholweni nisekelwe niqinile, ningasuswa ethembeni levangeli enalizwa, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu; mina Pawulu ngenziwa isikhonzi sakho;


Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu;


Ngokuba intshumayelo yesiphambano kwababhubhayo iwubuwula; kodwa kithina esisindiswayo kungamandla kaNkulunkulu.


Ngokuba njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.


Kusizani, bazalwane bami, noma umuntu ethi unokukholwa, kepha engenayo imisebenzi na? ukukholwa kungamsindisa na?


Masibambe isivumo sokholo lwethu, singantengantengi; (ngokuba uthembekile lowo owethembisayo;)


Labasedwalani yilabo abathi, lapho belizwa, balamukele izwi ngokuthokoza; kepha laba kabanampande, abakholwa isikhashana, kuthi ngesikhathi sokulingwa bawa.


Kanjalo nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile kukodwa.


Ngakho lokhu silompristi omkhulu odabule emazulwini, uJesu iNdodana kaNkulunkulu, masibambe isivumo sethu.


Ngakho-ke, bazalwane, yimani niqine, nibambe amasiko enawafundiswa, noma ngezwi noma ngencwadi yethu.


Ingabe nahlupheka kangaka ngeze na? uba kuseyize.


Ngakho-ke esiyizisebenzi kanye naye siyanincenga ukuba ningawamukeli ize umusa kaNkulunkulu.


Ngokuba anginamahloni ngevangeli likaKristu, ngokuba lingamandla kaNkulunkulu kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo; kumJuda kuqala, nakumGreki futhi.


Bambelela ekulayweni; ungamyekeli ahambe; mlondoloze; ngoba uyimpilo yakho.


Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami; kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami.


Ngokuba thina siyiphunga elimnandi likaKristu kuNkulunkulu phakathi kwabasindiswayo nakwababhubhayo;


Uma uKristu engavuswanga kwabafileyo, ukushumayela kwethu kuyize, nokukholwa kwenu kuyize.


Ngokuba kuthe ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu izwe alimazanga uNkulunkulu ngokuhlakanipha, kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo.


Ngakho bheka ububele nobukhali bukaNkulunkulu: ubukhali kulabo abawayo; kodwa kuwe ububele, uma uqhubeka ebuhleni bakhe;


Naye uSimoni wakholwa, esebhapathiziwe wanamathela kuFiliphu, wamangala ebona izibonakaliso nezibonakaliso ezenziwayo.


Bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.


Thenga iqiniso, ungalithengisi; nokuhlakanipha nesiyalo nokuqondisisa.


Kepha ngiyanidumisa, bazalwane, ngokuba ningikhumbula ezintweni zonke, nigcina izimiso, njengalokho nganinika zona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite