Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kwabaseKorinte 13:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Noma nginesiphiwo sokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke; noma nginokukholwa konke, ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Noma nginokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke, noma nginokukholwa konke ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Noma ngingaphrofetha, ngiqonde izimfihlakalo zonke, ngibe nokwazi konke, noma nginganokukholwa konke okungagudluza izintaba, kodwa uma ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Noma nginesiphiwo sokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke; noma nginokukholwa konke, ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.

Gade chapit la Kopi




1 kwabaseKorinte 13:2
38 Referans Kwoze  

Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu; ngoba uNkulunkulu uluthando.


Noma ngabela abampofu konke enginakho, noma nginikela ngomzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.


UJesu wathi kubo: “Ngenxa yokungakholwa kwenu; futhi iyosuka; njalo kakukho okungenzeki kini.


Uma umuntu engayithandi iNkosi uJesu Kristu, makabe ngoqalekisiweyo.


UJesu waphendula wathi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Uba lilokholo, lingathandabuzi, kaliyikwenza lokhu emkhiwaneni kuphela, kodwa loba lisithi kulentaba: Suka; uphonseke elwandle; kuyakwenziwa.


okungalokho, nxa nifunda, nibe nokuqonda ukwazi kwami emfihlakalweni kaKristu;


Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo.


Ngakho ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama.


ngitsho imfihlakalo ebifihliwe kusukela kudala lezizukulwaneni, kodwa khathesi ibonakalisiwe kwabangcwele bakhe;


Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa.


Kodwa isithelo sikaMoya siluthando, intokozo, ukuthula, ukubekezela, ubumnene, ukulunga, ukholo,


Futhi uNkulunkulu umisile abathile ebandleni, kuqala abaphostoli, okwesibili abaprofethi, okwesithathu abafundisi, emva kwalokho izimangaliso, bese kuba izipho zokuphulukisa, nokusiza, nokubusa, nezilimi ngezilimi.


Ukusoka akulutho, nokungasoki akulutho, kodwa ukugcina imiyalo kaNkulunkulu.


Futhi ngokungangabazeki inkulu imfihlakalo yokumesaba uNkulunkulu: UNkulunkulu wabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, wakholeka emhlabeni, wemukelwa enkazimulweni.


Nakimi, ukuze ngiphiwe izwi, ukuze ngivule umlomo wami ngesibindi, ukuze ngenze yaziwe imfihlakalo yevangeli;


Umuntu makasibheke kanjalo njengezikhonzi zikaKristu nabaphathi bezimfihlakalo zikaNkulunkulu.


Kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nentshumayelo kaJesu Kristu ngokokwambulwa kwemfihlakalo ebifihliwe kwasekuqaleni;


Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo; ukuthi ukuphuphutheka kwehlele uIsrayeli ngokwengxenye, kuze kungene ukugcwala kwabezizwe.


Wabona umkhiwane ngasendleleni, waya kuwo, akafumananga lutho kuwo, amaqabunga kuphela; Umkhiwane wabuna masinyane.


Waphendula, wathi kubo: “Ngokuba niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kepha bona kabakuphiwanga.


Sengibe yisiwula ngokuzibonga; ningiphoqile nina, ngokuba mina bekufanele ukuba nginconywe yinina, ngokuba angisilele ngalutho kubaphostoli abakhulu kunabo bonke, noma ngingelutho.


Ngakho-ke, bazalwane, fisani ukuprofetha, ningakuvimbeli ukukhuluma ngezilimi.


Ngakho-ke mayelana nokudla okuhlatshelwe izithombe, siyazi ukuthi isithombe asilutho ezweni nokuthi akakho omunye uNkulunkulu ngaphandle koyedwa.


Kwakukhona e-Antiyokiya ebandleni abaprofethi nabafundisi; njengoBarnaba, noSimeyoni othiwa uNigeri, noLukiyu waseKhurene, noManayeni owayondliwe kanye noHerode umtetrarki, noSawulu.


Nami-ke ngiyaqiniseka ngani, bazalwane bami, ukuthi nani nigcwele ukulunga, nigcwaliswe ngokwazi konke, ninamandla futhi nokuyalana.


Yilowo nalowo owesilisa ekhuleka noma eprofetha ethwele ikhanda, uhlazisa ikhanda lakhe.


Uthando alusoze lwaphela; noma kukhona izilimi, ziyakunqamuka; noma kukhona ukwazi, kuyakunyamalala.


Okhuluma ngezilimi uyazakha yena; kodwa oprofethayo wakha ibandla.


Abaprofethi mabakhulume ababili noma abathathu, abanye bahlulele.


Bhekani, ngiyanitshela imfihlakalo; Asiyikulala sonke, kepha siyakuguqulwa sonke;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite