Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kwabaseKorinte 13:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kodwa uma ngingenalo uthando, ngifana nethusi elikhencezayo nensimbi encencethayo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo.

Gade chapit la Kopi




1 kwabaseKorinte 13:1
22 Referans Kwoze  

Kepha isiphetho somyalo siluthando oluphuma enhliziyweni ehlanzekileyo, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisi;


Phezu kwakho konke yibani nothando oluvuthayo phakathi kwenu, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono.


Kodwa isithelo sikaMoya siluthando, intokozo, ukuthula, ukubekezela, ubumnene, ukulunga, ukholo,


Uthando alusoze lwaphela; noma kukhona izilimi, ziyakunqamuka; noma kukhona ukwazi, kuyakunyamalala.


Ngokuba kuKristu Jesu ukusoka nokungasoki akulutho; kodwa ukholo olusebenza ngothando.


Maqondana nokuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi sonke sinolwazi. Ulwazi luyakhukhumeza, kepha uthando luyakha.


Ngokuba bekhuluma amazwi okuyize okuyize, babayenga ngezinkanuko zenyama, ngamanyala, labo ababesesindile kulabo abahamba ngokuduka.


Kepha uma umfowenu edabukiswa ngokudla, awusahambi ngokothando. Ungambhubhisi ngokudla kwakho, amfelayo uKristu.


Khona izabaphendula, ithi: Ngiqinisile ngithi kini: Njengoba lingakwenzanga komunye walaba abancinyane, kalikwenzanga kimi.


Ngoba omunye uphiwa ngoMoya ilizwi lenhlakanipho; omunye izwi lokwazi ngaye lowoMoya;


Uma indlebe ithi: “Ngokuba ngingesilo iso, angisikho okomzimba; Ngakho kayisiyo yini ingxenye yomzimba?


ukuthi wahlwithwa wasiwa eParadisi, wezwa amazwi angakhulumekiyo, okungavunyelwe ukuba umuntu awakhulume.


Mdumiseni ngamasimbali akhalisayo, nimdumise ngamasimbali anomsindo.


Lalezizibonakaliso zizakubalandela abakholwayo; Ngegama lami bayokhipha amademoni; bayakukhuluma ngezilimi ezintsha;


omunye ukwenza izimangaliso; komunye isiprofetho; omunye ukuhlukanisa imimoya; omunye izinhlobo zezilimi; omunye ukuhunyushwa kwezilimi.


Ngokuba okhuluma ngezilimi akakhulumi kubantu, kodwa kuNkulunkulu; kodwa ngomoya ukhuluma izimfihlakalo.


Okhuluma ngezilimi uyazakha yena; kodwa oprofethayo wakha ibandla.


Ngiyathanda ukuba nonke nikhulume ngezilimi, kodwa kakhulu ukuba niprofethe, ngokuba oprofethayo mkhulu kunalowo okhuluma ngezilimi, uma engahumushi, ukuze ibandla lakheke.


Ngasengisizwa ilizwi livela ezulwini, linjengelizwi lamanzi amanengi, lelizwi lokuduma okukhulu, ngezwa ilizwi labahlabeleli bebetha amahabhu abo;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite