Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 6:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 ukuba benze okuhle, bacebe emisebenzini emihle, babe nokwaba, bahlanganyele nabanye;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 benze okuhle, bacebe ngemisebenzi emihle, baphane, babelane,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Bayale ukuba benze okuhle, bacebe ngokwenza imisebenzi emihle, baphane, futhi babelane.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 ukuba benze okuhle, bacebe emisebenzini emihle, babe nokwaba, bahlanganyele nabanye;

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 6:18
38 Referans Kwoze  

Kepha ningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.


Kepha onezinto zaleli zwe, bese ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele ububele bakhe kuye, uthando lukaNkulunkulu luhlala kanjani kuye na?


noma owalayo, ekuyaleni; obusa ngenkuthalo; ohawukelayo, makehle ngokwenama.


Thembela kuJehova, wenze okuhle; niyohlala ezweni, nondliwa.


Likholekile leli zwi, futhi lezizinto ngithanda ukuba uziqinise ungayeki, ukuze abakholwa nguNkulunkulu baqaphele ukugcina imisebenzi emihle. Lezi zinto zinhle futhi zinenzuzo kubantu.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge kubo bonke ububi, futhi azihlambulule isizwe esiyisizwe, esishisekela imisebenzi emihle.


Unjalo oziqongelelela ingcebo, engacebile kuNkulunkulu.


Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, ikakhulu kwabendlu yokukholwa.


Yabelani abangcwele ekuswelekeni; emukela izihambi.


Kufakazelwe kahle ngemisebenzi emihle; uma ondle abantwana, uma engenise izihambi, uma egezile izinyawo zabangcwele, uma esize abahluphekayo, uma ekhuthalele wonke umsebenzi omuhle.


Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, ukuthi nakuba ecebile waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nina nicebe.


Ngokuba uma kuqala kukhona ukuvuma, kwamukeleka ngokwalokho umuntu anakho, kungenjengalokho angenakho.


Ngosuku lokuqala lweviki yilowo nalowo kini makabeke eceleni kwakhe njengokuphumelelayo kukaNkulunkulu, ukuze kungabikho ukubuthwa, lapho ngifika.


Akukhona yini ukunika olambileyo isinkwa sakho nokuletha abampofu abaxoshwa endlini yakho na? uma ubona onqunu, umembese; nokuthi ungazifihli enyameni yakho?


Hlwanyela imbewu yakho ekuseni, nakusihlwa ungagodli isandla sakho, ngokuba awukwazi ukuthi iyakuphumelela, noma lokhu noma lokhuya, noma ziyakuba zinhle zombili ngokulingana.


Wahlakaza, wapha abampofu; ukulunga kwakhe kuhlala kuze kube phakade; uphondo lwakhe luyophakama ngodumo.


Sithandwa, ungalandeli okubi, kodwa okuhle. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu, kepha owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.


Lalelani, bazalwane bami abathandekayo: UNkulunkulu kabakhethanga yini abampofu balumhlaba ukuba bacebe ekukholweni, lezindlalifa zombuso awuthembisayo abamthandayo?


EJopha kwakukhona umfundikazi othile ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uDorka ngokuhunyushwa;


Kodwa abaphanayo bacabanga ngokuphana; futhi uyokuma ezintweni zokuphana.


Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo, kodwa ukuthi umuntu uyajabula futhi enze okuhle ekuphileni kwakhe.


Bammbela emzini kaDavide phakathi kwamakhosi, ngokuba wayenze okuhle kwa-Israyeli, kuNkulunkulu nasendlini yakhe.


Makagweme okubi, enze okuhle; makafune ukuthula, akulandele.


Khona abafundi bazimisela, kwaba yilowo nalowo njengamandla akhe, ukuthumela usizo kubazalwane abakhileyo eJudiya.


Ukuthi uNkulunkulu wamgcoba kanjani uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza okuhle, ephulukisa bonke ababecindezelwe nguSathane; ngoba uNkulunkulu wayelaye.


Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukuboleka kuwe.


Waphendula, wathi kubo: “Onezingubo ezimbili akabele ongenalutho; nalowo odlayo makenze ngokunjalo.


Owebayo makangabe eseba, kodwa kunalokho makakhuthale, asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe nokokwabela osweleyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite