Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 4:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Benqabela ukuganana, belaya ukuthi bayeke ukudla, uNkulunkulu akudalela ukuthi kwemukelwe ngokubonga yilabo abakholwayo labalaziyo iqiniso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 benqabela ukuganana, bethi akuzilwe ukudla akudalayo uNkulunkulu ukuba kwamukelwe ngokubonga yibo abakholwayo nabalaziyo iqiniso.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Benqabela ukuganana, bethi akuzilwe ukudla okwadalwa nguNkulunkulu ukuba kwamukelwe, ngokubonga yibo bonke abakholwayo nabalaziyo iqiniso.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Benqabela ukuganana, belaya ukuthi bayeke ukudla, uNkulunkulu akudalela ukuthi kwemukelwe ngokubonga yilabo abakholwayo labalaziyo iqiniso.

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 4:3
30 Referans Kwoze  

Ngoba sonke isidalwa sikaNkulunkulu sihle, kakulahlwa lutho, uba samukelwe ngokubonga;


Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, nombhede ungabi nasisihla, kepha izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.


Ohlonipha usuku ulugcina eNkosini; futhi lowo ongalunanzi usuku, eNkosini. Odlayo udla eNkosini, ngokuba ubonga uNkulunkulu; nongadliyo akadli ngenxa yeNkosi, futhi ubonga uNkulunkulu.


Ngakho makungabikho muntu onahlulelayo ngokudla noma ngokunathwayo noma ngokuphathelene nomkhosi noma ukwethwasa kwenyanga noma amasabatha.


Kepha ukudla akusitusi kuNkulunkulu; ngokuba noma sidla, asizuzi lutho; futhi, uma singadli, asibi.


Konke okuphilayo kuzakuba ngukudla kwenu; njengekhambi eliluhlaza ngikunike konke.


Nanoma yini eniyenzayo, ngezwi noma ngomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngayo.


Kepha uma uganwa, akonanga; futhi uma intombi igana, ayoni. Nokho abanjalo bayakuba nenkathazo enyameni, kepha mina ngiyaniyeka.


Odlayo makangadeleli ongadli; futhi ongadliyo makangahluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele.


Ningahujwa yizimfundiso eziyizinhlobonhlobo nezingaziwayo. Ngokuba kuhle ukuthi inhliziyo iqiniswe ngomusa; kungeyisikho ngokudla, abangazuzanga ngakho abahlezi kukho.


Othanda ukuba bonke abantu basindiswe, bafinyelele olwazini lweqiniso.


Ukudla ngokwesisu, nesisu ngesokudla, kepha uNkulunkulu uyakuqeda kokubili sona nakho. Kepha umzimba awusiwo owobufebe, kodwa ungoweNkosi; leNkosi ingeyomzimba.


Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokunatha; kodwa ukulunga, lokuthula, lenjabulo kuMoya oNgcwele.


Wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe, abafundi baphakela izixuku.


Bheka, engakubonayo: kuhle, kumnandi kumuntu ukuba adle, aphuze, athokozele okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe awenzayo phansi kwelanga zonke izinsuku zokuhamba kwakhe uNkulunkulu amnika zona; ngoba kuyisabelo sakhe.


Wayala isixuku ukuba sihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wazinika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku.


Eseshilo lokho wathatha isinkwa, wabonga uNkulunkulu phambi kwabo bonke, wasihlephula, waqala ukudla.


(Kepha kwafika eminye imikhumbi evela eTiberiya eduze nendawo lapho ababedle khona isinkwa, ngemva kokuba iNkosi ibongile.)


Kwasekusithi ehlezi labo ekudleni, wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wabanika.


Ayiyikunakekela uNkulunkulu wawoyise, inganaki isifiso sabesifazane nanoma yimuphi unkulunkulu; ngoba iyozikhulisa ngaphezu kwakho konke.


Ngokushesha nje lapho ningena emzini, niyomthola masinyane ngaphambi kokuba akhuphukele endaweni ephakeme ukuze adle; ngoba abantu abayikudla aze afike, ngoba ubusisa umhlatshelo; ngasemuva badla abamenyiweyo. Sukuma manje; ngoba ngalesisikhathi lizamthola.


Akusikhona okungena emlonyeni okungcolisa umuntu; kodwa okuphuma emlonyeni, yikho okumngcolisayo umuntu.


Ngakho-ke ngithanda ukuba abesifazane abasha bagane, bazale, baphathe umuzi, banganiki isitha ithuba lokuthuka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite