Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 4:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Nakekela ukufunda, nokuyala, nokufundisa, ngize ngifike.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Nakekela ukufunda, nokuyala, nokufundisa, ngize ngifike.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Qikelela ukuba ufunde, uyale, ufundise, ngize ngifike.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Nakekela ukufunda, nokuyala, nokufundisa, ngize ngifike.

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 4:13
20 Referans Kwoze  

Kepha thina siyakukhuthalela ukukhuleka, nasenkonzweni yezwi.


Khuluma lezizinto, uyale, ukhuze ngawo wonke amandla. Makungabikho muntu okudelelayo.


Shumayela izwi; phuthuma ngenkathi, ingekho inkathi; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.


Ziqaphele wena nesifundiso; hlala kuzo, ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nabakuzwayo.


Uma ukhumbuza abazalwane ngalezi zinto, uyakuba yisikhonzi esihle sikaJesu Kristu, esondliwe ngamazwi okukholwa nesifundiso esihle osigcinile.


Labo babenobuntu kunabaseThesalonika, balamukela izwi ngenhliziyo yonke, behlola imibhalo imihla ngemihla ukuthi zinjalo yini lezo zinto;


Hlolani imibhalo; ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami.


Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho; kodwa wozindla ngayo imini nobusuku, ukuze wenze ngokucophelela njengakho konke okulotshwe kuyo;


Kumelwe ibe kuye, futhi kumelwe ayifunde zonke izinsuku zokuphila kwakhe, ukuze afunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakhe nokugcina wonke amazwi alo mthetho nalezi zimiso ukuba awenze.


Kunjani-ke, bazalwane? Lapho nibuthana, yilowo nalowo unehubo, noma isifundiso, unolimi, noma isambulo, unokuhumusha. Konke makwenziwe kube ngukwakha.


Kepha oprofethayo ukhuluma kubantu kube ngukwakha, nokuyala, nokududuza.


Manje, bazalwane, uma ngiza kini ngikhuluma ngezilimi, ngiyakunisiza ngani, uma ngingakhulumi kini noma ngokwambulelwa, noma ngokwazi, noma ngokuprofetha, noma ngesifundiso na?


noma owalayo, ekuyaleni; obusa ngenkuthalo; ohawukelayo, makehle ngokwenama.


lokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele, elamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite