Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 3:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Liqinisile izwi elithi: Uma umuntu efisa isikhundla sombonisi, unxanela umsebenzi omuhle;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Likholekile leli zwi elithi: Uma umuntu efisa isikhundla sombonisi, unxanela umsebenzi omuhle.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Lithembekile leli lizwi elithi: uma umuntu efisa ukuba ngumphathi, ulangazelela umsebenzi omuhle.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Liqinisile izwi elithi: Uma umuntu efisa isikhundla sombonisi, unxanela umsebenzi omuhle;

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 3:1
19 Referans Kwoze  

Ngokuba umbonisi umelwe ukuba ngongasolekiyo, njengomphathi kaNkulunkulu; ongesiye othanda ubugovu, ongasheshi ukuthukuthela, ongadakwa, ongashayi, ongesiye inzuzo embi;


Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwelusa ibandla likaNkulunkulu azithengele lona ngegazi lakhe.


Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, niwubheke, kungabi ngokucindezelwa, kodwa ngokuzithandela; kungabi ngenzuzo eyichilo, kodwa ngenhliziyo evumayo;


Likholekile leli zwi, lifanele ukwamukelwa konke, ukuthi uKristu Jesu weza ezweni ukusindisa izoni; engiyinduna yabo.


Ngokuba naninjengezimvu ezidukayo; kodwa manje selibuyele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.


nibhekisise kungabikho osilela umusa kaNkulunkulu; funa kumile impande yokubaba inikhathaze, kungcoliswe abaningi ngayo;


Likholekile izwi elithi: Ngokuba uma safa kanye naye, siyakuphila futhi kanye naye;


Likholekile leli zwi, lifanele ukwamukelwa konke.


UPawulu noThimothewu, izinceku zikaJesu Kristu, kubo bonke abangcwele abakuKristu Jesu abaseFilipi, kanye nababonisi namadiyakoni;


Kanjalo, ngithi kini: Kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.


Likholekile leli zwi, futhi lezizinto ngithanda ukuba uziqinise ungayeki, ukuze abakholwa nguNkulunkulu baqaphele ukugcina imisebenzi emihle. Lezi zinto zinhle futhi zinenzuzo kubantu.


ukuze abangcwele bapheleliswe, umsebenzi wenkonzo, ukwakhiwa komzimba kaKristu;


Ngokuba kulotshiwe encwadini yamaHubo ukuthi: “Umuzi wakhe mawube yincithakalo, kungahlali muntu kuwo;


Kodwa makungabikho kini ohlupheka ngokuba engumbulali, noma eyisela, noma engumenzi wokubi, noma engugaxekile ezindabeni zabanye;


Siyanincenga, bazalwane, ukuba nibaxwayise abaxhwalayo, niduduze abadanileyo, nisekele ababuthakathaka, nibekezelele abantu bonke.


Ngokuba ngikhuluma kini nina bezizwe, lokhu ngingumphostoli wabezizwe, ngiphakamisa isikhundla sami;


Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila; nozuza imiphefumulo uhlakaniphile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite