Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 2:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Othanda ukuba bonke abantu basindiswe, bafinyelele olwazini lweqiniso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 othanda ukuba abantu bonke basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 othanda ukuba bonke abantu basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Othanda ukuba bonke abantu basindiswe, bafinyelele olwazini lweqiniso.

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 2:4
32 Referans Kwoze  

Ngokuba angithokozi ngokufa kofayo, isho iNkosi uJehova. Ngakho-ke phenduka uphile.


INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi ukulibala; kodwa uyasibekezelela, engathandi ukuthi kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.


Ngiyathokoza yini ngokufa komubi na? isho iNkosi uJehova, kungesikho ukuthi abuye ezindleleni zakhe, aphile, na?


Ngoba umusa kaNkulunkulu oletha insindiso usubonakalisiwe ebantwini bonke;


Wothi kubo: Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, kangithokozi ngokufa komubi; kodwa ukuthi omubi aphenduke endleleni yakhe nokuphila. Ngoba lizafelani lina ndlu kaIsrayeli?


Ubayala ngobumnene labo abamelana labo; uma mhlawumbe uNkulunkulu ebanika ukuphenduka ekulazini iqiniso;


Ngokuba ngalokho siyakhandleka futhi siyathukwa, ngokuba sithembele kuNkulunkulu ophilayo onguMsindisi wabantu bonke, ikakhulukazi wabakholwayo.


Bhekani Kimi, nisindiswe, nonke mikhawulo yomhlaba, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye.


Kutshunyayelwe ebizweni lakhe ukuphenduka lokuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema.


Ngase ngibona enye ingelosi indiza emkhathini wezulu, inevangeli laphakade ukubalishumayele kwabakhileyo emhlabeni, nakuzo zonke izizwe, nemindeni, nezilimi, nabantu;


UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


Ngakho hambani nifundise izizwe zonke, nibabhapathize egameni likaYise, neleNdodana, nelikaMoya oNgcwele;


UPawulu, inceku kaNkulunkulu, nomphostoli kaJesu Kristu, ngokokholo lwabakhethiweyo bakaNkulunkulu, nokulazi iqiniso elingokokumesaba uNkulunkulu;


Awu, wonke owomileyo uyeza emanzini, nongenamali; wozani nithenge, nidle; yebo, wozani nithenge iwayini nobisi ngaphandle kwemali nangaphandle kwentengo.


Njalo befunda, kodwa bengabe besakwazi ukufinyelela olwazini lweqiniso.


Yathi inkosi encekwini: ‘Phuma uye ezindleleni nasezintangweni, ubacindezele ukuba bangene, ukuze igcwale indlu yami.


ukuze anike abantu bakhe ulwazi lwensindiso ngokuthethelelwa kwezono zabo,


Wathi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami ukuvusa izizwe zakwaJakobe nokubuyisela abalindi bakwa-Israyeli; ngizakukunika ube ngukukhanya kwabezizwe, ukuze ube yinsindiso yami. Ekupheleni komhlaba.


Bangcwelise ngeqiniso; izwi lakho liyiqiniso.


Bonke uBaba anginika bona bayakuza kimi; futhi ozayo kimi angisoze ngamlahlela phandle.


Wathi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.


Ngokuba uma sona ngamabomu emva kokuba sesamukele ukwazi kweqiniso, awusekho umhlatshelo wezono;


Ngokuba umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaJehova, njengamanzi asibekela ulwandle.


Uyobona umshikashika womphefumulo wakhe, asuthe; ngokwazi kwakhe uyakuyenza inceku yami elungileyo ilunge kakhulu; ngokuba uyakuthwala ububi babo.


uma mhlawumbe ngingabavusela umona abenyama yami, ngisindise abanye kubo.


Kepha uma ninomhawu obabayo nokubanga ezinhliziyweni zenu, ningazibongi, ningaqambi iqiniso amanga.


Ilunga kuyo inkosikazi ekhethiweyo nabantwana bayo, engibathandayo ngeqiniso; kungemina ngedwa, kodwa nabo bonke abalaziyo iqiniso;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite