Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kaPetru 5:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Zithibeni, niqaphe; ngokuba isitha senu uSathane, njengengonyama ebhongayo, siyahamba sifuna engamshwabadela;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Zithibeni, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo, sifuna esingamdwengula.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Zithibeni, niqaphe; ngokuba isitha senu uSathane, njengengonyama ebhongayo, siyahamba sifuna engamshwabadela;

Gade chapit la Kopi




1 kaPetru 5:8
61 Referans Kwoze  

Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane.


Ngakho zehliseleni kuNkulunkulu. Melanani noSathane, khona uyakunibalekela;


UJehova wayesethi kuSathane: “Uvelaphi na? USathane wamphendula uJehova, wathi: “Uhambahamba emhlabeni nasemuva naphambili kuwo.


Futhi ningamniki uSathane indawo.


Ngakho-ke bophani izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nithembele kuze kube sekupheleni umusa ozolethwa kini ekwambulweni kukaJesu Kristu;


Kepha ukuphela kwakho konke sekusondele;


Ngakho lindani njalo, likhuleke, ukuze kuthiwe lifanele ukuphunyuka kuzo zonke lezizinto eziyakwenzeka, lokuma phambi kweNdodana yomuntu.


INkosi yasisithi: Simoni, Simoni, khangela, uSathane unifunile, ukuze anihlunge njengokolweni;


Isifundisa ukuthi, sidele ukungamesabi uNkulunkulu nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kuleli zwe lamanje;


Ngakho thokozani lina mazulu, lani elihlala kuwo. Maye kwabakhileyo emhlabeni nolwandle! ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane.


Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wawo.


Isitha esawuhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi.


Waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uDeveli noSathane, odukisa izwe lonke; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.


Ngakho lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngasiphi isikhathi.


USathane owabadukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga, futhi bayohlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.


Ziqapheleni nina, funa izinhliziyo zenu zisindwe ukuminza, nokudakwa, nezinkathazo zalokhu kuphila, lunifike lolo suku kungazelelwe.


Yangibonisa uJoshuwa, umpristi omkhulu, emi phambi kwengelosi kaJehova, noSathane emi ngakwesokunene sakhe ukumelana naye.


Kodwa ophatha kuhle izihambi, othanda okuhle, ozithibileyo, olungileyo, ongcwele, ozithibileyo;


Nokho iNkosi yema nami, yangiqinisa; ukuze ngami ivangeli laziwe ngokugcwele, nezizwe zonke zizwe; ngakhululwa emlonyeni wengonyama.


Ingonyama ibhongile, ngubani ongayikwesaba na? iNkosi uJehova ikhulumile, ngubani ongayikuprofetha na?


Ngokunjalo amajaha ayale ukuthi ahluze.


ukuze amadoda amadala abe ahluzekile, ahloniphekile, aqondileyo, aphilile ekukholweni, othandweni, nasekubekezeleni.


Bayakulandela uJehova; Ubhodla njengengonyama; uma Ebhonga, abantwana basentshonalanga bayathuthumela.


Useduze ongilungisisayo; ngubani ongangiphikisa? asime ndawonye: ngubani omelene nami? akeze kimi.


Ukwesaba inkosi kunjengokubhonga kwengonyama; omgconayo wona umphefumulo wakhe.


Amabhongo ezingonyama abhongela impango yawo, afuna ukudla kwawo kuNkulunkulu.


Nokho uyakusindiswa ngokuzala abantwana, uma behlala ekukholweni nasothandweni nasebungcweleni kanye nokuqonda.


Yasibamba udrako, inyoka endala, onguSathane, noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane;


ukuze bafundise abesifazane abasha ukuba nezithiyo, bathande abayeni babo, bathande abantwana babo,


Kanjalo omkabo mababe nesizotha, bangabi ngabahlebi, abaqondileyo, abathembekile ezintweni zonke.


INkosi izabhonga iseZiyoni, iphakamise ilizwi layo iseJerusalema; kuyakuzamazama izulu nomhlaba, kepha uJehova uyakuba yithemba labantu bakhe nenqaba yabantwana bakwa-Israyeli.


Kanjalo nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda; kungabi ngezinwele ezalukiweyo, negolide, namaparele, nezambatho ezinenani elikhulu;


Khona uJesu waholekela nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane.


Ngiyakuhlangana nabo njengebhere eliphucwe amawundlu alo, ngiklebhule ikhanda lenhliziyo yabo, ngibadle khona njengengonyama, isilo sasendle sibadwebe.


Ngakho umbhishobhi umelwe ukuba ngongasolekiyo, indoda emfazi munye, eqaphile, eqondileyo, eziphatha kahle, ephatha kahle izihambi, enekhono lokufundisa;


Khona iyakuthi nakwabangakwesokhohlo: Sukani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe;


USathane wayesemshiya; bheka, kwafika izingelosi, zamkhonza.


Ingonyama ingabhonga yini ehlathini, ingenampango? Ibhongo lengonyama liyakhala emphandwini walo uma lingabambanga lutho na?


Inkosi yasilaya, alethwa amadoda ayemangalele uDaniyeli, awaphosela emphandwini wezingonyama, wona, nabantwana bawo, nawomkawo; amabhubesi ababamba, bawaphula onke amathambo abo, noma baze bafika phansi emgodini.


Kukhona uzungu lwabaprofethi bakhe phakathi kwalo njengengonyama ebhongayo edwengula impango yayo; badla imiphefumulo; bathatha ingcebo nezinto eziyigugu; bamenza abafelokazi abaningi lapho.


Intukuthelo yenkosi injengokubhonga kwengonyama; kepha ukuthokoza kwakhe kunjengamazolo otshanini.


U-Esteri wathi: “Isitha nesitha nguHamani lo omubi.” Khona-ke uHamani wesaba inkosi nendlovukazi.


USamsoni noyise nonina baya eThimna, bafika ezivinini zaseThimna; bheka, ibhongo lengonyama lambhongela.


Kukhona izwi lokukhala kwabelusi; ngokuba udumo lwazo luchithiwe: izwi lokubhonga kwamabhongo ezingonyama; ngoba ukuzigqaja kweJordani kubhujisiwe.


Futhi yazazi izigodlo zabo ezishiyiwe futhi yachitha imizi yabo; izwe laliyihlane nokugcwala kwalo ngezwi lokubhonga kwalo.


Babhonga kanyekanye njengamabhubesi, baklabalasa njengamawundlu ezingonyama.


Amabhongo ezingonyama abhonga, amemeza phezu kwakhe, enza izwe lakhe laba incithakalo; imizi yakhe yashiswa yangabi nabahlali.


Beka omubi phezu kwakhe, uSathane ame ngakwesokunene sakhe.


Wathi: “UJehova uyakubhonga eseSiyoni, aphakamise izwi lakhe eJerusalema; amadlelo abelusi ayakulila, nesiqongo seKarmeli sibune.


Njengengonyama ebhongayo nebhere elindizayo; unjalo umbusi omubi phezu kwabantu abampofu.


Laba ngasendleleni, lapho okuhlanyelwe khona ilizwi; kodwa nxa sebezwile, uSathane uyafika masinyane, alisuse izwi elihlwanyelwe ezinhliziyweni zabo.


funa uSathane asidle, ngokuba asibona abangenalwazi ngamacebo akhe.


Ngase ngizwa izwi elikhulu ezulwini, lithi: Manje isifikile insindiso, namandla, nombuso kaNkulunkulu wethu, namandla kaKristu wakhe; ebusuku.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite