Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kaPetru 3:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kodwa makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo, ekuhlobeni okungaboliyo, okungomoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 kepha makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 kepha makube ngumuntu osekusithekeni enhliziyweni, ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Kodwa makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo, ekuhlobeni okungaboliyo, okungomoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




1 kaPetru 3:4
40 Referans Kwoze  

Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani izinhliziyo zesihe, umusa, ukuthobeka, ubumnene, nokubekezela;


Kodwa uJehova wathi kuSamuweli: “Ungabheki ubuso bakhe nobude bomzimba wakhe; ngoba ngimalile; ngoba uJehova akaboni njengoba umuntu ebona; ngokuba umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.


Kodwa umJuda enguye ngaphakathi; nokusoka kungokwenhliziyo emoyeni, kungabi ngokombhalo; okudumisa kwakhe akuveli kubantu, kodwa kuNkulunkulu.


Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi; ngokuba ngimnene, ngithobekile ngenhliziyo; niyakufumana ukuphumula emiphefumulweni yenu.


Bangahlambalazi muntu, bangabi-ingxabano, kodwa babe mnene, bebonisa ubumnene bonke kubantu bonke.


MFarisi oyimpumputhe, hlambulula kuqala okuphakathi kwenkezo noqwembe, ukuze kuhlanzeke nengaphandle lakho.


Ngokuba ngiyathokoza emthethweni kaNkulunkulu ngokomuntu ongaphakathi;


Ngakho kasidangali; kepha noma kubhubha umuntu wethu wangaphandle, owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla.


nokuba nikhuthalele ukuthula, nenze izindaba zenu, nokusebenza ngezandla zenu, njengalokho saniyala;


ngokuthobeka konke, nobumnene, ngokubekezela, nibekezelelana ngothando;


Kodwa ngcwelisani iNkosi uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu, njalo lilungele ukuphendula wonke umuntu olibuza ngesizatho sethemba elikini, ngobumnene langokwesaba;


Ngeyamakhosi, nakubo bonke abakhulu; ukuze siphile impilo ezolileyo lenokuthula kukho konke ukuhlonipha uNkulunkulu lobuqotho.


Ziwula, yena owenza okungaphandle akakwenzanga nengaphakathi na?


UMoya kaJehova uphezu kwami; ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabathotshisiweyo; Wangithuma ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa itilongo;


Ngokuba usho kanje oPhezukonke, ohlala phakade, ogama lakhe lingcwele; ngihlala phezulu nasendlini engcwele, ngikanye nabadabukileyo komoya othobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, ngivuselele inhliziyo yabadabukileyo.


Izabahola abathobekileyo ekwahluleleni, futhi abathobekileyo izafundisa indlela yayo.


Ngakho-ke lahlani konke ukungcola nokuchichima kobubi, namukele ngobumnene izwi eligxunyekiweyo, elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.


Ubayala ngobumnene labo abamelana labo; uma mhlawumbe uNkulunkulu ebanika ukuphenduka ekulazini iqiniso;


Abanjalo siyabayala, sibayala ngeNkosi yethu uJesu Kristu, ukuba basebenze ngokuthula, badle okwabo isinkwa.


Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.


Futhi abathobekileyo bayokwandisa injabulo yabo kuJehova, futhi abampofu phakathi kwabantu bayojabula ngoNgcwele ka-Israyeli.


Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe; Uyohlobisa abathobekileyo ngensindiso.


UJehova uyaphakamisa abathobekileyo, ababi uyabaphonsa phansi.


sisazi lokhu, ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye laye, ukuze umzimba wesono ubhujiswe, ukuze singabe sesikhonza isono;


Wathi kubo: “Nina ningabazishaya abalungileyo phambi kwabantu; kepha uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okuphakeme phakathi kwabantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.


Bheka, wena ufisa iqiniso ngaphakathi, futhi ekusithekeni uyofunda ukuhlakanipha kwami.


Indodakazi yenkosi isiyinhle kakade ngaphakathi; izingubo zayo ziyigolide elikhandiweyo.


nizelwe ngokusha, kungengembewu ebolayo, kodwa ngengenakonakala, ngezwi likaNkulunkulu eliphilayo nelimi phakade.


Ngokuba nafa, nokuphila kwenu kufihliwe noKristu kuNkulunkulu.


ubumnene, nokuzithiba: akukho mthetho omelene nokunjalo.


Ngempela, ngaziphatha futhi ngazolisa njengomntwana olunyuliwe kunina; umphefumulo wami unjengomntwana olunyuliweyo.


Mina-ke Pawulu uqobo ngiyanincenga ngobumnene nangobubele bukaKristu, mina engithobekile nxa ngikhona phakathi kwenu, kepha nxa ngingekho nginesibindi ngani;


Tshelani indodakazi yaseSiyoni ukuthi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe, imnene, ikhwele imbongolo, nethole lembongolo;


Kodwa ngobulungisa iyokwahlulela abampofu futhi isole abathobekileyo bomhlaba ngobuqotho; futhi uyoshaya umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, futhi ngomoya wezindebe zakhe uyobulala ababi.


Izwi umprofethi uJeremiya ayala ngalo uSeraya, indodana kaNeriya, indodana kaMahaseya, lapho ehamba noSedekiya, inkosi yakwaJuda, eBhabhiloni ngomnyaka wesine wokubusa kwakhe. LoSeraya wayeyisikhulu esithule.


Futhi baguqula inkazimulo kaNkulunkulu ongabhubhiyo yaba ngumfanekiso womuntu obhubhayo, nezinyoni, nezilwane ezinezinyawo ezine, nezilwanyana ezinwabuzelayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite