Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kaPetru 2:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Okuza kuye njengetshe eliphilayo, elaliwayo ngempela ngabantu, kodwa elikhethiweyo nguNkulunkulu, eliyigugu;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Sondelani kuyo, iyitshe eliphilileyo, elinqatshwe ngabantu, kepha kuNkulunkulu likhethekile, liyigugu,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Sondelani kuyo, iyitshe eliphilileyo, elinqatshwe ngabantu, kepha kuNkulunkulu likhethekile, liyigugu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Okuza kuye njengetshe eliphilayo, elaliwayo ngempela ngabantu, kodwa elikhethiweyo nguNkulunkulu, eliyigugu;

Gade chapit la Kopi




1 kaPetru 2:4
31 Referans Kwoze  

Ngakho kini enikholwayo uligugu, kepha kwabangalaleli itshe abakhi abalalayo, yilo laba yinhloko yegumbi;


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngibeka eSiyoni itshe, itshe elivivinyiwe, itshe legumbi elinqabileyo, isisekelo esiqinile; okholwayo akayikuxhamazela.


Nxa uKristu ongukuphila kwethu esebonakala, khona nani nizakubonakala kanye naye enkazimulweni.


Ngokuba bheka, itshe engalibeka phambi kukaJoshuwa; etsheni linye kuyakuba namehlo ayisikhombisa; bheka, ngiyakuqopha umbhalo wakhe,” usho uJehova Sebawoti, “ngisuse ububi balelo zwe ngalusuku lunye.


Wabona kwaze kwaqheshulwa itshe kungengazandla, lashaya isithombe ezinyaweni zaso, esiyinsimbi nobumba, lasiphahlaza laba yizicucu.


Bheka, inceku yami engiyisekelayo; abakhethiweyo bami othokoza ngabo umphefumulo wami; ngibekile uMoya wami phezu kwakhe: uyakuletha ukwahlulela kwabezizwe.


Ngakho siphiwe izithembiso ezinkulu kakhulu leziligugu, ukuze ngalezo libe ngabahlanganyeli bemvelo yobuNkulunkulu, libalekele ukonakala okusemhlabeni ngenkanuko.


USimoni Petru, inceku nomphostoli kaJesu Kristu, kubo abazuze ukholo oluligugu olufana nolwethu ngokulunga kukaNkulunkulu noMsindisi wethu uJesu Kristu:


Kodwa ngegazi likaKristu eliligugu, njengelewundlu elingelasici lengelasici.


ukuze ukuvivinywa kokholo lwenu, okuligugu kakhulu kunegolide elibhubhayo, nakuba livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube yindumiso nodumo nenkazimulo ekubonakaleni kukaJesu Kristu;


Ngokuba uma, siseyizitha, sabuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe, kakhulu siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesitholile ukubuyisana.


Kuseyisikhashana izwe lingabe lisangibona; kodwa nina niyangibona, ngokuba ngiphila mina, nani nizakuphila.


UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


Njengokuba uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngoBaba, kanjalo ongidlayo, naye uyakuphila ngami.


Bonke uBaba anginika bona bayakuza kimi; futhi ozayo kimi angisoze ngamlahlela phandle.


Kodwa anithandi ukuza kimi, ukuze nibe nokuphila.


Ngokuba njengalokhu uBaba enokuphila ngokwakhe; ngokunjalo uyiphile iNdodana ibe nokuphila kuyo;


UJesu wathi kubo: “Anizange nifunde yini emibhalweni ukuthi: “Itshe abalinqabayo abakhi lona laba yinhloko yegumbi;


Bheka, inceku yami engiyikhethileyo; othandiweyo wami othokoza kuye umphefumulo wami;


Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.


Ungubani wena ntaba enkulu? phambi kukaZerubabele uyakuba yithafa, akhiphe itshe lengcwaba lakhe ngokumemeza, amemeze, athi: “Musa, hawu!


Ngokuba wabona ukuthi itshe laqheshulwa entabeni kungengazandla, laphahlaza insimbi, nethusi, nobumba, nesiliva, negolide; uNkulunkulu omkhulu wayazisa inkosi okuzakwenzeka emva kwalokho; iphupho laliqinisekile, nencazelo yalo iqinisekile.


Khothamani nize kimi; lalelani, umphefumulo wenu uphile; ngiyakwenza nani isivumelwano esiphakade, izihe eziqinile zikaDavide.


Buyani, nina bantwana abahlubukayo, ngizakwelapha iziphambeko zenu. Bheka, siyeza kuwe; ngoba wena unguJehova uNkulunkulu wethu.


Ngokuba akakho ongabeka esinye isisekelo, kuphela leso esibekiweyo, esinguJesu Kristu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite