Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kaJohane 4:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Bathandekayo, ningakholwa yibo bonke omoya, kodwa hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Bathandekayo, maningakholwa yibo bonke omoya, kepha hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Bathandekayo, ningakholwa yibo bonke omoya, kodwa bahloleni omoya ukuthi ngabe bangabakaNkulunkulu yini. Ngokuba baningi abaphrofethi bamanga abaphumele ezweni.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Bathandekayo, ningakholwa yibo bonke omoya, kodwa hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.

Gade chapit la Kopi




1 kaJohane 4:1
29 Referans Kwoze  

Hlolani izinto zonke; bambelelani kokuhle.


Kepha kwakukhona nabaprofethi bamanga phakathi kwabantu, njengokuba naphakathi kwenu kuyakuba khona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso ezibhubhisayo, bephika neNkosi eyabathengayo, bezilethela ukubhujiswa okusheshayo.


Kepha uMoya usho ngokucacile ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, benaka omoya abadukisayo nezifundiso zamademoni;


Ngokuba abakhohlisi abaningi bangenile ezweni, abangamvumi uJesu Kristu ukuthi uzile enyameni. Lo ungumkhohlisi nomphikukristu.


Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke, kepha oqondileyo uyaqaphela izindlela zakhe.


Abaprofethi mabakhulume ababili noma abathathu, abanye bahlulele.


Bantwanyana, sekuyisikhathi sokugcina, njengalokho nezwa ukuthi umphikukristu uyeza, nakalokhu sekukhona abaphikukristu abaningi; ngalokho siyazi ukuthi sekuyisikhathi sokugcina.


Yebo, kungani nina ngokwenu ningazahluleli okulungile na?


Wathi: “Xwayani ningadukiswa; nesikhathi sisondele; ngakho-ke ningabalandeli.


Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.


Ngiyayazi imisebenzi yakho, nomshikashika wakho, nokubekezela kwakho, nokuthi ungebekezelele ababi;


omunye ukwenza izimangaliso; komunye isiprofetho; omunye ukuhlukanisa imimoya; omunye izinhlobo zezilimi; omunye ukuhunyushwa kwezilimi.


Ngokuba ngiyazi lokhu ukuthi emva kokumuka kwami kuyakungena phakathi kwenu izimpisi ezihahayo, zingawuhawukeli umhlambi.


Khona uma umuntu ethi kini: Bhekani, nangu uKristu; noma, bheka, ukhona; ningamkholwa;


Abaprofethi baprofetha amanga, nabapristi babusa ngezandla zabo; futhi abantu bami bangathanda kanjalo; futhi uyokwenzani ekupheleni kwakho?


Labo babenobuntu kunabaseThesalonika, balamukela izwi ngenhliziyo yonke, behlola imibhalo imihla ngemihla ukuthi zinjalo yini lezo zinto;


Wathi kuye: “Nami ngingumprofethi njengawe; ingelosi yakhuluma kimi ngezwi likaJehova, yathi: “Mbuyisele endlini yakho ukuba adle isinkwa, aphuze amanzi. Kodwa wamqambela amanga.


Wayesethi uJehova kimi: “Abaprofethi baprofetha amanga egameni lami; angibathumanga, futhi angibayalanga, angikhulumanga kubo; ezinhliziyweni zabo.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ningawalaleli amazwi abaprofethi abaprofetha kini; bakwenza ize; bakhuluma umbono ophuma ezinhliziyweni zabo, hhayi ophuma emlonyeni kaJehova.


Ukuze ningasheshi unyakaziswe engqondweni, noma nethuswe, noma ngomoya, noma ngezwi, noma ngencwadi ngokungathi ivela kithi, ngokungathi usuku lukaKristu selusondele.


Bazalwane, anginilobeli umyalo omusha, kodwa umyalo omdala enaninawo kwasekuqaleni. Umyalo omdala uyizwi enalizwa kwasekuqaleni.


Sithandwa, ungalandeli okubi, kodwa okuhle. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu, kepha owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite