Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UNumeri 8:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 kodwa bayakukhonza kanye nabafowabo etendeni lokuhlangana, bagcine imfanelo kepha bangabe besakhonza. Uyakwenze njalo kumaLevi ngezimfanelo zawo.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

26 Kepha bangabasiza abafowabo ethendeni lokuhlangana ukuze bagcine imisebenzi yabo, nokho bona ngeke besawenza lowo msebenzi. Uyokwenza kanjalo-ke kubaLevi maqondana nemisebenzi yabo.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Kodwa kumelwe bakhonze kanye nabafowabo etendeni lokuhlangana ukuze bagcine inkonzo futhi bangenzi msebenzi wenkonzo. Uyakwenze njalo kumaLevi lokho okuthinta umyalo wawo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UNumeri 8:26
10 Iomraidhean Croise  

bayakugcina imfanelo yetende lokuhlangana, nemfanelo yendawo engcwele, nemfanelo yamadodana ka-Aroni abafowabo ekukhonzeni endlini kaJehova.


abe yizikhonzi endlini yami engcwele, abonise amasango endlu, akhonze endlini, ahlabe iminikelo yokushiswa nemihlatshelo yabantu, eme phambi kwabo ukuba abakhonze.


Anigcinanga inkonzo yezinto zami ezingcwele, kepha nibeke abayakunigcinela inkonzo endlini yami engcwele.


Kepha amaLevi ayakumisa nxazonke zetabernakele* lobufakazi, ukuze kungabikho lulaka phezu kwenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, amaLevi agcine izimfanelo zetabernakele lobufakazi.”


Bayakuhlanganiswa nawe, bagcine inkonzo yetende lokuhlangana kuwo wonke umsebenzi wetende; umfokazi akayikusondela kuwe.


U-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi uyakuba yisikhulu sezikhulu zamaLevi, abonise abagcina inkonzo yendlu engcwele.


Enxenyeni yabantwana bakwa-Israyeli wothabatha kube kunye emashumini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke, ukunike amaLevi agcina inkonzo yetabernakele* likaJehova.”


kusukela kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu bayakuphuma emsebenzini wenkonzo, bangabe besakhonza;


Nakekela lezo zinto, ume kuzo, ukuze ukuqhubeka kwakho kuqhame kubo bonke.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan