Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UNumeri 5:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 indoda iyakuletha umkayo kumpristi, imlethele umnikelo wakhe, ube ngokweshumi kwe-efa* lempuphu yebhali,* angatheli mafutha kuyo, angabeki nanhlaka kuyo, ngokuba kungumnikelo wempuphu wesikhwele, umnikelo wempuphu wesikhumbuzo sokukhumbuza ngobubi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

15 indoda iyakuletha umkayo kumphristi, imlethele umnikelo wakhe, ube okweshumi kwe-efa lempuphu yebhali, ayiyukuthela amafutha kuyo, noma ibeke nenhlaka kuyo, ngokuba kungumnikelo wokusanhlamvu wesikhwele, umnikelo wokusanhlamvu wesikhumbuzo, wokuzikhumbuza ngobubi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Khona-ke indoda kumelwe ilethe umkayo kumpristi, futhi kumelwe ilethe umnikelo wakhe, okweshumi kwe-efa likafulawa webhali; akayikuthela amafutha kuwo, angafaki nampepho phezu kwawo; ngoba kungumhlatshelo wokutshiseka, umnikelo wesikhumbuzo okhumbuza ububi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UNumeri 5:15
9 Iomraidhean Croise  

Wayesethi ku-Eliya: “Nginamsebenzi muni nawe muntu kaNkulunkulu na? Uze kimi ukuba kukhumbuleke isono sami nokuba kubulawe indodana yami.”


Kukubo njengokubhula kwamanga emehlweni abo, njengalokhu bekhona abafunge izifungo kubo. Kepha iyakhumbuza ukona, ukuze babanjwe.


Alisayikuba yithemba kuyo indlu yakwa-Israyeli, likhumbuza ngokona lapho bebaphendukela, bazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.’ ”


Ngase ngizithengela yena ngezinhlamvu eziyishumi nanhlanu zesiliva, nangehomere* lebhali,* nangenxenye yehomere lebhali,


“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa umuntu wakini eletha umnikelo kuJehova, anonikela ngomnikelo wenu wezinkomo zemihlambi nowezimvu.


“ ‘Nxa umuntu enikela ngomnikelo wempuphu kuJehova, umnikelo woba yimpuphu ecolekileyo, athele amafutha kuwo, abeke inhlaka kuwo,


“ ‘Kepha uma amandla akhe enganeli amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, makalethe umnikelo wakhe ngalokho one ngakho, okweshumi kwe-efa* lempuphu ecolekileyo, ube ngumnikelo wesono, angatheli mafutha phezu kwawo, angabeki nhlaka phezu kwawo, ngokuba kungumnikelo wesono,


“ ‘Umpristi uyakumsondeza, ambeke phambi kukaJehova,


Kodwa kuleyo mihlatshelo kukhona ukukhunjulwa kwezono iminyaka ngeminyaka;


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan