Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UNumeri 3:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Bayakugcina yonke impahla yetende lokuhlangana nezimfanelo zabantwana bakwa-Israyeli ukwenza inkonzo yetabernakele.*

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

8 Bayakunakekela yonke impahla yethende lokuhlangana nemisebenzi yabantu bakwa-Israyeli, senze umsebenzi wethabanakeli.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kumelwe bagcine zonke izinto zetende lokuhlangana nenkonzo yabantwana bakwa-Israyeli ukuze benze umsebenzi wenkonzo yetende.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UNumeri 3:8
13 Iomraidhean Croise  

Ngokuba amadodana kaLevi abalwa ngamazwi okugcina kaDavide, kusukela kwaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu.


Madodana ami, ningadebeseli, ngokuba nina uJehova unikhethile ukuba nime phambi kwakhe, nimkhonze, nibe yizikhonzi zakhe, nishise impepho.”


Mukani, mukani, niphume lapha, ningathinti okungcolileyo, niphume phakathi kwalo, nizihlambulule nina eniphatha izitsha zikaJehova.


Itabernakele* lasuswa; amadodana kaGereshoni namadodana kaMerari asuka elithwala itabernakele.


Kwase kusuka amaKohati ethwala izinto ezingcwele; itabernakele* lamiswa, wona engakafiki.


Bayakugcina izimfanelo zakho nezimfanelo zenhlangano yonke phambi kwetende lokuhlangana ukwenza inkonzo yetabernakele.*


Uyakunikela amaLevi ku-Aroni nakumadodana akhe; ayanikelwa ngempela kuye, evela kubantwana bakwa-Israyeli.


Enxenyeni yabantwana bakwa-Israyeli wothabatha kube kunye emashumini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke, ukunike amaLevi agcina inkonzo yetabernakele* likaJehova.”


“Nxa u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukusibekela indlu engcwele nempahla yonke yendlu engcwele, lapho ikamu* liyakusuka, emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukukuthwala, kepha awayikuthinta okungcwele, funa afe. Lezo zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.


Lowo ungumsebenzi wemindeni yamadodana amaGereshoni etendeni lokuhlangana; okugcinwa yiwo kube phansi kwesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.


Lowo ungumsebenzi wemindeni yamadodana kaMerari ngokomsebenzi wabo wonke etendeni lokuhlangana phansi kwesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.”


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan