Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UNumeri 3:38 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

38 Labo abamisa phambi kwetabernakele* ngasempumalanga, ngaphambi kwetende lokuhlangana ngasekuphumeni kwelanga, bayakuba ngoMose no-Aroni namadodana akhe, begcina inkonzo yendlu engcwele, begcina imfanelo yabantwana bakwa-Israyeli; umfokazi osondelayo uyakubulawa.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

38 Ababekanise ngaphambi kwethabanakeli ngasempumalanga, phambi kwethende lokuhlangana lapho kuphuma khona ilanga, kwakunguMose, u-Aroni namadodana akhe. Umsebenzi wabo kwakungukwenza izinkonzo endaweni engcwele, bagcine umsebenzi wabantu bakwa-Israyeli; umfokazi oyosondela kubo uyobulawa.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

38 Abamisa phambi kwetabernakele ngasempumalanga phambi kwetende lokuhlangana ngasempumalanga, bayakuba ngoMose no-Aroni namadodana akhe abagcina inkonzo yendlu engcwele enkonzweni yabantwana bakwa-Israyeli; futhi umfokazi osondelayo kumelwe abulawe.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UNumeri 3:38
12 Iomraidhean Croise  

Uyakumisa u-Aroni namadodana akhe, bagcine ubupristi babo; umfokazi osondelayo uyakubulawa.”


Kepha amaLevi ayakumisa nxazonke zetabernakele* lobufakazi, ukuze kungabikho lulaka phezu kwenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, amaLevi agcine izimfanelo zetabernakele lobufakazi.”


Abamisa ngasempumalanga ngasekuphumeni kwelanga bayakuba ngabebhanela* lekamu* lakwaJuda ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaJuda sibe nguNaheshoni indodana ka-Aminadaba.


Isikhulu sendlu kayise wemindeni yamaMerari sasinguSuriyeli indodana ka-Abihayili; bayakumisa eceleni kwetabernakele* ngasenyakatho.


Imindeni yamadodana kaKohati iyakumisa eceleni kwetabernakele* ngaseningizimu.


Imindeni yamaGereshoni iyakumisa emva kwetabernakele* ngasentshonalanga.


Ekusukeni kwetabernakele* amaLevi ayakulisusa, ekumisweni kwalo amaLevi alimise; umfokazi osondelayo uyakubulawa.


nezinsika zegceke nxazonke, nezinyawo zazo, nezikhonkwane zazo, nezintambo zazo.


bayakugcina imfanelo yetende lokuhlangana, nemfanelo yendawo engcwele, nemfanelo yamadodana ka-Aroni abafowabo ekukhonzeni endlini kaJehova.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan