Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UNumeri 20:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Kanjalo u-Edomi wala ukuba u-Israyeli adabule izwe lakhe; ngalokho u-Israyeli wachezuka kuye.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

21 Wala kanjalo-ke u-Edomi ukuba u-Israyeli adabule ezweni lakhe; u-Israyeli wabe esechezuka.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Kungakho u-Edomi wala ukuba u-Israyeli adabule umkhawulo wakhe; ngalokho u-Israyeli wamfulathela.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UNumeri 20:21
10 Iomraidhean Croise  

“Bheka, manje abantwana bakwa-Amoni nabakwaMowabi nabasentabeni yaseSeyiri, ongavumelanga u-Israyeli ukubangenela ekuphumeni kwakhe ezweni laseGibithe, kepha wabachezukela, akabachithanga,


USihoni wayengamvumeli u-Israyeli ukudabula izwe lakhe, kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe, waphuma eyomhlasela u-Israyeli ehlane, wafika eJahasi, walwa no-Israyeli.


Basuka entabeni yaseHori ngendlela yoLwandle Olubomvu ukuba bazungeze izwe lakwa-Edomi; inhliziyo yabantu yaphela amandla ngenxa yendlela.


‘Mangidabule izwe lakho; ngiyakuhamba ngomgwaqo, ngingajiki ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.


njengalokho bangenzela abantwana bakwa-Esawu ababehlala eSeyiri nabakwaMowabi ababehlala e-Ari, ngize ngiwele iJordani, ngingene ezweni uJehova uNkulunkulu wethu asinika lona.’


“Unganengwa ngowakwa-Edomi, ngokuba ungumfowenu; awuyikunengwa ngowaseGibithe, ngokuba wawungumfokazi ezweni lakubo.


u-Israyeli wathuma izithunywa enkosini yakwa-Edomi, wathi: ‘Ake ngidabule izwe lakho;’ kepha inkosi yakwa-Edomi ayilalelanga; nasenkosini yakwaMowabi wathuma kanjalo; kepha ayivumanga; u-Israyeli wayesehlala eKadeshi.


“Wayesehamba ehlane, wazungeza izwe lakwa-Edomi nezwe lakwaMowabi, weza ngasempumalanga kwezwe lakwaMowabi, wamisa ngaphesheya kwe-Arinoni; kepha abangenanga emkhawulweni wakwaMowabi, ngokuba i-Arinoni lalingumkhawulo wakwaMowabi.


Awuyikudla lelo uKemoshi unkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle na? Kanjalo bonke uJehova, uNkulunkulu wethu, abaxosha phambi kwethu, siyalidla elabo.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan