Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UNumeri 2:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Abantwana bakwa-Israyeli bayakumisa, kube yilowo nalowo ngasebhaneleni* lakhe ngasezibonisweni zezindlu zawoyise; bayakumisa nxazonke maqondana netende lokuhlangana.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

2 “Makube yilowo nalowo kubantu bakwa-Israyeli akanise ngasebhaneleni lakhe ngasezimpawini zezindlu zokhokho bakhe; bayakukanisa nxazonke babhekane nethende lokuhlangana.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Abantwana bakwa-Israyeli bayakumisa, kube yilowo nalowo njengebhanela lendlu yoyise; kumelwe bakanise kude nxazonke zetende lokuhlangana.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UNumeri 2:2
23 Iomraidhean Croise  

Izitha zakho zibhongile phakathi kwendlu yakho yokubuthana, zamisa izimpawu zazo zaba yizimpawu.


Thembisani, nigcwalise izithembiso kuJehova uNkulunkulu wenu. Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owEsabekayo.


Memeza, ujabule wena ohlezi eSiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwakho.”


Nonke nina enakhileyo ezweni nani nonke enihlezi emhlabeni bhekani, lapho ibhanela* liphakanyiswa ezintabeni; zwanini, lapho icilongo libethwa.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, lokhu kuyindawo yesihlalo sami sobukhosi, nendawo yamathe ezinyawo zami, lapho ngiyakuhlala khona phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade; indlu yakwa-Israyeli ayisayikulingcolisa igama lami elingcwele, yona namakhosi ayo, ngokuphinga kwayo nangezidumbu zamakhosi ayo ezindaweni zayo eziphakemeyo,


UJehova uNkulunkulu wabo uyakubasindisa ngalolo suku njengomhlambi wabantu bakhe, ngokuba bangamatshe omqhele abengezela phezu kwezwe lakhe.


kepha beka amaLevi phezu kwetabernakele* lobufakazi, naphezu kwazo zonke izimpahla zalo, nakho konke okwalo; ayakuthwala itabernakele nayo yonke impahla yalo; ayakukhonza kulo, amise alihaqe.


Kuqala lasuka ibhanela* lekamu* labantwana bakwaJuda ngamabandla abo; uNaheshoni indodana ka-Aminadaba wayephezu kwalelo bandla.


Lase lisuka ibhanela* lekamu* likaRubeni ngamabandla abo; phezu kwalelo bandla kwakungu-Elisuri indodana kaShedewuri.


Lase lisuka ibhanela* lekamu* labantwana bakwa-Efrayimi ngamabandla abo; phezu kwebandla lakhe kwakungu-Elishama indodana ka-Amihudi.


Lase lisuka ibhanela* lekamu* labantwana bakwaDani elalisemva kwawo onke amakamu ngamabandla abo; phezu kwebandla lakhe kwakungu-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.


UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:


Ibhanela* lekamu lakwaRubeni liyakuba ngaseningizimu ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaRubeni siyakuba ngu-Elisuri indodana kaShedewuri.


Abamisa ngasempumalanga ngasekuphumeni kwelanga bayakuba ngabebhanela* lekamu* lakwaJuda ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaJuda sibe nguNaheshoni indodana ka-Aminadaba.


UBileyamu waphakamisa amehlo akhe, wabona u-Israyeli ehlezi ngokwezizwe zakhe; uMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe.


ngokuba uNkulunkulu kasiye owesiyaluyalu kepha ngowokuthula. Njengokuba kunjalo emabandleni onke abangcwele,


Kepha konke makwenziwe ngemfanelo nangenhlelo.


Kuphela hambani ngokufanele ivangeli likaKristu, kuze kuthi, noma ngiza nginibona noma ngingekho, ngizwe izindaba zenu zokuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye nilwela inkolo yevangeli,


engabambeleli kuye oyinhloko, okungaye umzimba wonke usizwa, uhlanganiswa ngamalungu nemisipha, ukhula ngokukhula kukaNkulunkulu.


Nokho kuyakuba khona ibanga phakathi kwenu nawo, lingangezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngokulinganisa, ningasondeli kuwo, ukuba nazi indlela eniyakuhamba ngayo, ngokuba anidlulanga ngale ndlela phambili.”


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan