Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UNumeri 16:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 UKora wahlanganisela kubo yonke inhlangano ngasemnyango wetende lokuhlangana; inkazimulo kaJehova yabonakala kuyo yonke inhlangano.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

19 UKhora wayeseqoqa yonke inhlangano, base bema ngasemnyango wethende lokuhlangana. Inkazimulo kaSimakade yabonakala kuyo yonke inhlangano.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

19 UKora wabutha ibandla lonke ngokumelene nabo ngasemnyango wetende lokuhlangana, futhi inkazimulo yeNkosi yabonakala kuyo yonke inhlangano.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UNumeri 16:19
12 Iomraidhean Croise  

Kwathi u-Aroni esakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, babheka ngasehlane; bheka, inkazimulo kaJehova yabonakala efwini.


Kusasa niyakubona inkazimulo kaJehova, lokhu ezwile izinkonono zenu ngoJehova; thina siyini ukuba nikhonone ngathi na?”


OMose no-Aroni bangena etendeni lokuhlangana, babuye baphuma, bababusisa abantu; yayisibonakala inkazimulo kaJehova kubantu bonke.


Wayesethi uMose: “Nansi into uJehova ayala ngayo ukuba niyenze, kuze kubonakale kini inkazimulo kaJehova.”


UJehova wehla esensikeni yefu, wema ngasemnyango wetende, wabiza o-Aroni noMiriyamu; baphuma bobabili.


Kepha inhlangano yonke yathi mabakhandwe ngamatshe. Inkazimulo kaJehova yabonakala etendeni lokuhlangana kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli.


Base bethatha, kwaba yilowo nalowo umcengezi wakhe womlilo, bafaka kuyo umlilo, babeka impepho ngaphezulu, bema ngasemnyango wetende lokuhlangana kanye noMose no-Aroni.


UJehova wayesekhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:


Kwathi inhlangano isibahlanganyele oMose no-Aroni, babheka ngasetendeni lokuhlangana; bheka, ifu lalisibekela, inkazimulo kaJehova yabonakala.


Kwakungekho manzi lapho kuyo inhlangano; babahlanganyela oMose no-Aroni.


OMose no-Aroni basuka ebusweni bebandla ukuya ngasemnyango wetende lokuhlangana, bawa ngobuso babo; inkazimulo kaJehova yabonakala kubo.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan