Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UNumeri 14:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Khona oMose no-Aroni bawa ngobuso babo phambi kwebandla lonke lenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

5 UMose no-Aroni bathi mbo ngobuso phansi, phambi kwebandla lonke lenhlangano yabantu bakwa-Israyeli.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

5 OMose no-Aroni bawa ngobuso babo phambi kwenhlangano yonke yenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UNumeri 14:5
18 Iomraidhean Croise  

U-Abrama wayesewa ngobuso bakhe; uNkulunkulu wakhuluma naye, wathi:


Abantu bonke sebekubonile lokho bawa ngobuso babo, bathi: “UJehova nguye onguNkulunkulu; uJehova nguye onguNkulunkulu.”


UDavide wayesephakamisa amehlo akhe, wayibona ingelosi kaJehova imi emkhathini womhlaba nezulu, inenkemba ehoshiweyo esandleni sayo, yelulelwe phezu kweJerusalema. UDavide namalunga bembethe izindwangu zamasaka bawa ngobuso babo.


Kwathi esabulala, kwasala mina; ngawa ngobuso, ngakhala ngathi: “Maye, Nkosi Jehova! Uyakubulala yonke insali yakwa-Israyeli ekutheleni kwakho ukufutheka kwakho phezu kweJerusalema na?”


Ngase ngizwa izwi lamazwi akhe; lapho ngezwa izwi lamazwi akhe, ngase ngilele ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi.


Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova, waqeda umnikelo wokushiswa namanoni e-altare; sebekubona abantu bonke bananela, bakhothamela phansi ngobuso.


UJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababephakathi kwabahlola izwe baklebhula izingubo zabo,


Bawa ngobuso babo, bathi: “Nkulunkulu, Nkulunkulu wemimoya yenyama yonke, kona umuntu munye, uthukuthelele inhlangano yonke, na?”


UMose esekuzwile wawa ngobuso bakhe;


“Khuphuka kule nhlangano ukuba ngibaqede ngokuphazima kweso.” Bawa ngobuso babo.


UJehova wathi kuMose: “Buyisa intonga ka-Aroni ngaphambi kobufakazi, igcinwe ibe luphawu kubahlubuki, ukuze uqede ukukhonona kwabo ngami ukuba bangafi.”


OMose no-Aroni basuka ebusweni bebandla ukuya ngasemnyango wetende lokuhlangana, bawa ngobuso babo; inkazimulo kaJehova yabonakala kubo.


Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, akudlule kimi lesi sitsha; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.”


Yathi: “Qha, ngifikile njengesikhulu sebandla likaJehova.” UJoshuwa wayesewa ngobuso emhlabathini, wakhuleka, wathi kuyo: “Ithini inkosi yami encekwini yayo na?”


UJehova wathi kuJoshuwa: “Sukuma; uweleni kanje ngobuso bakho na?


amalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kwakhe ohlezi esihlalweni sobukhosi, akhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade naphakade, aphonsa imiqhele yawo phambi kwesihlalo sobukhosi, ethi:


Nezidalwa ezine zathi: “Amen,” namalunga awa phansi, akhuleka.


Nezingelosi zonke ezazimi zihaqe isihlalo sobukhosi namalunga nezidalwa ezine zawa phansi ngobuso phambi kwesihlalo sobukhosi, zakhuleka kuNkulunkulu, zathi:


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan