Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UNumeri 11:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Kodwa kwasala amadoda amabili ekamu,* igama lenye lalingu-Elidadi, igama leyesibili linguMedadi; umoya wayehlala phezu kwawo; ayephakathi kwalawo alotshiweyo, kepha awayanga etendeni; aprofetha ekamu.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

26 Kepha kwakusele amadoda amabili enkanjini. Igama leyokuqala kwakungu-Elidadi, negama leyesibili kunguMedadi. Umoya wahlala phezu kwawo; ayephakathi kwalawo ayebhalisiwe, kodwa ayengayanga ethendeni, nawo aphrofetha enkanjini.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Kwasala amadoda amabili ekamu, igama lenye lalingu-Elidadi, igama lenye lalinguMedadi; umoya wahlala phezu kwabo; bangababala, kepha babengaphumi ukuya etabernakele; baprofetha ekamu.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UNumeri 11:26
11 Iomraidhean Croise  

UMoya kaNkulunkulu waba phezu kuka-Azariya indodana ka-Odedi;


Nokho iminyaka eminingi wababekezelela, wabaxwayisa ngoMoya wakho ngesandla sabaprofethi bakho, kepha abezwanga; wawusubanikela esandleni sabantu bezizwe.


UMose wayesethi kuNkulunkulu: “Ngingubani mina ukuba ngiye kuFaro, ngikhiphe eGibithe abantwana bakwa-Israyeli na?”


Kepha ngathi: “Awu, Nkosi Jehova! Bheka, angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngingumntwana.”


UJeremiya wamyala uBaruki ngokuthi: “Ngivalelwe, anginakungena endlini kaJehova.


Kwagijima insizwa, yabika kuMose, yathi: “O-Elidadi noMedadi bayaprofetha ekamu.”*


UBileyamu waphakamisa amehlo akhe, wabona u-Israyeli ehlezi ngokwezizwe zakhe; uMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe.


Babuye babuza uJehova ukuthi: “Usezakufika lowo muntu na?” UJehova waphendula wathi: “Bheka, ucashile empahleni.”


uMoya kaJehova uyakwehlela phezu kwakho, uyakuprofetha kanye nabo, uphenduke omunye umuntu.


Kodwa uSawule akakhulumanga lutho ngalolo suku, ngokuba wacabanga ukuthi: “Okuthile kumehlele; akahlambulukile, impela akahlambulukile.”


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan