Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Amazinyo akho anjengomhlambi wezimvukazi ezisand' ukugundwa, ezikhuphuka zigeziwe, zinamawele zonke, kungekho neyodwa phakathi kwazo efelweyo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

2 Amazinyo akho afana nomhlambi wezimvukazi ezisanda kugundwa, zikhuphuka zivela kogezwa, zonke zinamaphahla, kungekho neyodwa efelweyo kuzo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Amazinyo akho anjengomhlambi wezimvu ezigundiweyo, ezikhuphuka zigezwa; ngalinye lizala amawele, futhi akekho oyinyumba phakathi kwabo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:2
10 Iomraidhean Croise  

Akuyikuba khona ophunzayo noyinyumba ezweni lakini; ngiyakuliphelelisa inani lezinsuku zakho.


Bheka, umuhle, sithandwa sami! Bheka, umuhle! Unamehlo amajuba emva kwemvakazi yakho; izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi owehla entabeni yakwaGileyadi.


Izindebe zakho zinjengomucu obomvu, umlomo wakho muhle; izihlathi zakho zinjengenxenye yepomegranati* emva kwemvakazi yakho.


Amazinyo akho anjengomhlambi wezimvukazi ezikhuphuka zigeziwe, zinamawele zonke, kungekho neyodwa phakathi kwazo efelweyo.


Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; amazwi akho aba ngukujabula kimi nokuthokoza kwenhliziyo yami, ngokuba ngibizwa ngegama lakho, Jehova Nkulunkulu Sebawoti.


Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe.


Ngalokho nathi sibonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba, kuthe lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu kepha njengezwi likaNkulunkulu, njengokuba liyilo isibili, elona lisebenza futhi phakathi kwenu nina enikholwayo.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan