Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




IsiLilo 5:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Izigqila ziyasibusa; akakho osikhulula esandleni sabo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

8 Sesibuswa yizigqila; akekho ongasikhulula esandleni sazo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Izinceku ziyasibusa, akakho ongasikhulula esandleni sazo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




IsiLilo 5:8
12 Iomraidhean Croise  

Wathi: “Makaqalekiswe uKhanani, abe yisigqila sezigqila kubafowabo.”


Kepha lapho uSanebalati, umHoroni, noThobiya inceku yakwa-Amoni, noGeshemi wase-Arabiya bezwa lokho, basihleka usulu, basidelela, bathi: “Yini lokhu enikwenzayo na? Niyakuyihlubuka inkosi na?”


Kepha ababusi bokuqala ababe phambi kwami babebathwesile abantu, bathatha kubo isinkwa newayini kanye namashekeli* angamashumi amane esiliva; nezinceku zachachaza phezu kwabantu; kepha mina angenzanga kanjalo ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


noma ukwazi ukuthi angimubi nokuthi akakho ongophula esandleni sakho.


Abantwana baso bakude nokusindiswa, bachotshozwa esangweni; akakho obophulayo,


“Qaphelani lokho nina enikhohlwa uNkulunkulu, funa nginidwengule, kungabikho osindisayo.


ngisindise kubo bonke abangizingelayo, ungikhulule, bangaze bawudwengule umphefumulo wami njengengonyama eklebhula, kungekho okhululayo.


phansi kwenceku ekubekweni kwayo inkosi, nesiwula uma sisuthile ngokudla,


Yebo, kwasendulo nginguye; akakho ongophula esandleni sami; lapho ngisebenza, ngubani ongakuvimbela na?”


Sengiyakwambula ihlazo lakhe emehlweni ezithandwa zakhe; akuyikubakho omophula esandleni sami.


Ngokuba angisayikubahawukela abakhileyo ezweni,” usho uJehova, “kepha bheka, ngiyakunikela abantu, kube yilowo nalowo esandleni somakhelwane wakhe nasesandleni senkosi yakhe; bona bayakushaya izwe labo, kepha angiyikubophula esandleni sabo.”


“Umfokazi ophakathi kwakho uyakuphakama phezu kwakho njalonjalo, wena wehle njalonjalo.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan