Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




IsiLilo 5:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Sibuyisele kuwe Jehova, siyakubuya; yenza izinsuku zethu zibe zintsha njengasendulo,

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

21 Sibuyisele kuwe, Simakade, siyakubuya; yenza izinsuku zethu zibe zintsha njengasemandulo;

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Siphenduke kuwe, Jehova, futhi siyakuzisola; vuselela izinsuku zethu njengakuqala.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




IsiLilo 5:21
19 Iomraidhean Croise  

Ngiphendule, Jehova, ngiphendule ukuba laba bantu bazi ukuthi wena Jehova unguNkulunkulu nokuthi uphendukisela kuwe izinhliziyo.”


Sibuyise, Jehova Nkulunkulu Sebawoti; ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.


Sibuyise, Nkulunkulu, ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.


Sibuyise, Nkulunkulu Sebawoti, ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.


Sibuyise, Nkulunkulu wensindiso yethu, ulahle ukusicanukela kwakho.


Ilanga lakho alisayikushona, nenyanga yakho ayisayikuncipha, ngokuba uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, nezinsuku zokulila kwakho ziyakuphela.


Abantwana bakhe bayakuba njengakuqala, ibandla lakhe lime phambi kwami, ngijezise bonke abamcindezelayo.


“Ngimzwile nokumuzwa u-Efrayimi ezidabukela, ethi: ‘Ungishayile, ngashaywa njengethole elingajwayele ijoka; ngibuyise ukuba ngibuye, ngokuba wena unguJehova uNkulunkulu wami.


Ngiyakubuye ngikwakhe, wakheke wena ntombi ka-Israyeli; uyakubuye uvunuliswe ngezigubhu zakho, uphumele ekusineni kwabathokozayo.


“Usho kanje uJehova, uthi: ‘Kuyakubuye kuzwakale kule ndawo enithi ngayo ichithekile, ayinamuntu nazilwane, nasemizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema ezichithekileyo ezingenamuntu nazilwane,


Emizini yasezintabeni, nasemizini yasehlanzeni, nasemizini yaseningizimu, nasezweni lakwaBenjamini, nasemaphethelweni aseJerusalema, nasemizini yakwaJuda izimvu ziyakubuye zidlule phansi kwezandla zozibalayo,’ usho uJehova.


“Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nangalokhu ngiyakucelwa yindlu yakwa-Israyeli ukuba ngiyenzele: ngiyakuyandisela abantu njengezimvu.


Jehova, ngizwile umbiko ngawe, ngiyesaba izenzo zakho; zivuselele phakathi kwale minyaka, wenze ukuba zaziwe kule minyaka, ukhumbule umusa nasolakeni.


Isiyakuba mihle kuJehova iminikelo yakwaJuda neyeJerusalema njengasezinsukwini zasendulo naseminyakeni yakuqala.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan