Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




IsiLilo 5:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Usikhohlelwani kuze kube phakade, usishiye izinsuku eziningi, na?

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

20 Usikhohlweleni isikhathi eside kangaka na? Usilahleleni izinsuku eziningi kangaka na?

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Kungani usikhohlwa kuze kube phakade, usishiye isikhathi esingaka na?

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




IsiLilo 5:20
15 Iomraidhean Croise  

Koze kube nini, Jehova, ungikhohlwa njalonjalo na? Koze kube nini usitheza ubuso bakho kimi na?


Koze kube nini ngikhathazeka emphefumulweni wami, nginosizi enhliziyweni yami usuku lonke, na? Koze kube nini isitha sami siziphakamisa phezu kwami na?


Kunjengokuphohlozwa kwamathambo ami, nxa izitha zami zingiklolodela, zithi kimi usuku lonke: “Uphi uNkulunkulu wakho na?”


Ubufihlelani ubuso bakho, ukhohlwe ukuhlupheka nokucindezelwa kwethu, na?


Nkulunkulu, usilahleleni kuze kube phakade na? Intukuthelo yakho ithunqelelani izimvu zedlelo lakho na?


Koze kube nini, Jehova, uthukuthele njalo, ukushisekela kwakho kuvutha njengomlilo, na?


Uyakusithukuthelela njalonjalo na? Uyakwelulela ulaka lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane na?


Koze kube nini uyakuzisitha, Jehova, nentukuthelo yakho ivutha njengomlilo, na?


Kepha iSiyoni lithi: “UJehova ungishiyile, iNkosi ingikhohliwe.”


Ngimisile abalindi phezu kwezingange zakho, Jerusalema; abayikuthula nakanye imini nobusuku; nina eningabakhumbuzi ngoJehova maningaphumuli,


Yini ukuba ube ngumuntu odidekileyo, njengeqhawe elingenakusindisa, na? Nokho uphakathi kwethu, Jehova, sibiziwe ngegama lakho; ungasishiyi.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan