Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




IsiLilo 4:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kungenxa yezono zabaprofethi balo nobubi babapristi balo ababechitha igazi labalungileyo phakathi kwalo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

13 Lokho kwenzeka ngenxa yezono zabaphrofethi, nobubi babaphristi bakhona, ababechitha igazi labalungile kulo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngenxa yezono zabaprofethi balo nobubi babapristi balo abachitha igazi labalungileyo phakathi kwalo;

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




IsiLilo 4:13
18 Iomraidhean Croise  

Wayesethi uJehova kimi: “Abaprofethi baprofetha amanga egameni lami; angibathumanga, angibayalanga, angikhulumanga kubo; baprofetha imibono yamanga, nokubhula, nokuyize, nenkohliso yenhliziyo yabo.


“Ngokuba walaphula ijoka lakho endulo, wazigqabula izibopho zakho, wathi: ‘Angiyikukhonza.’ Ngokuba kuwo onke amagquma aphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza walala njengesifebe.


“Ngibashayele ize abantwana benu, abakwamukelanga ukulaywa; inkemba yenu ibadlile abaprofethi benu njengengonyama echithayo.


Abaprofethi baprofetha amanga, abapristi babusa eceleni kwabo; abantu bami bayakuthanda kanjalo, kepha niyakwenze njani ekupheleni na?


“Ngokuba kusukela kwabancane babo kuya kwabakhulu babo bayaphanga impango bonke, nabaprofethi nabapristi bonke baqamba amanga.


Abaprofethi bakho bakubonele imibono eyize nobuwula; abambulanga ukona kwakho ukuba babuyise ukuthunjwa kwakho. Kepha bakubonele iziprofetho eziyize nezikhohlisayo.


Nandisile ababuleweyo benu kulo muzi, nigcwalisile izitaladi zawo ngababuleweyo.


Kukhona uzungu lwabaprofethi bawo phakathi kwawo njengengonyama ebhongayo edwengula impango; badlile imiphefumulo, bathatha ingcebo nokuyigugu; benzile abafelokazi babo babe baningi phakathi kwawo.


Kanjalo niyazifakazela nina ukuthi ningamadodana ababulala abaprofethi.


Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? Bababulala ababememezela ngaphambili ukuza koLungileyo, eseningabakhapheli nababulali bakhe,


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan