Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




IsiLilo 3:38 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

38 Akuphumi okuhle nokubi emlonyeni woPhezukonke na?

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

38 Ngabe okuhle nokubi akwenzeki yini ngokuyala koPhezukonke na?

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

38 Akuphumi okubi nokuhle emlonyeni woPhezukonke na?

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




IsiLilo 3:38
8 Iomraidhean Croise  

Yathi inkosi: “Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya. Njengokuba ethuka, lokhu uJehova eshilo futhi kuye ukuthi: ‘Thuka uDavide,’ ngubani ongasho ukuthi: ‘Ukwenzeleni lokho na?’ ”


Kepha wathi kuye: “Ukhuluma njengalokhu owesifazane oyisiwula ekhuluma. Siyakwamukela okuhle kuphela kuNkulunkulu, singamukeli nokubi, na?” Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.


kepha uNkulunkulu ungumahluleli; omunye uyamehlisa, omunye amphakamise.


Abaningi bafuna ubuso bombusi, kepha ukwahlulelwa komuntu kuvela kuJehova.


Yenama ngosuku lwenhlanhla, kepha ngosuku olubi qonda ukuthi nalolu uNkulunkulu ulwenzile njengalolo, ukuze umuntu angafumani lutho oluyakuba khona emva kwakhe.


yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama, ngenza ukuthula, ngidala okubi; nginguJehova owenza konke lokho.


“Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: Njengalokhu ngehlisele phezu kwalaba bantu konke lokhu okubi, kanjalo ngiyakubehlisela konke okuhle engikukhulume kubo.


Kungabethwa icilongo emzini, bangesabi abantu, na? Umuzi ungehlelwa ngokubi, engakwenzamga uJehova, na?


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan