Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




IsiLilo 2:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Amasango alo ashona emhlabathini; wachitha, wayaphula imigoqo yalo. Inkosi nezikhulu zalo baphakathi kwezizwe, lapho kungekho khona umthetho. Nabaprofethi balo abatholi mbono kuJehova.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

9 Amasango alo abishe emhlabathini; usakaze, waphoqoza imigoqo yalo. Inkosi nababusi sebephakathi kwezizwe, akasekho ofundisa umthetho, nabaphrofethi abasaboni mbono ovela kuSimakade.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Amasango alo acwile emhlabathini; imigoqo yakhe wayichitha, wayiphula; inkosi yalo nezikhulu zalo baphakathi kwezizwe; umthetho awusekho; abaprofethi bawo ababufumani ubuso bukaJehova.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




IsiLilo 2:9
27 Iomraidhean Croise  

Abulala amadodana kaSedekiya phambi kwamehlo akhe, akhipha amehlo kaSedekiya, ambopha ngamaketanga, amyisa eBabele.


Kwakuyizinsuku eziningi u-Israyeli engenaye uNkulunkulu oqinisileyo, namfundisi ofundisayo, namthetho;


Bathi kimi: “Insali eseleyo ekuthunjweni lapho ezweni isekuhluphekeni okukhulu nasehlazweni; ugange lwaseJerusalema lubhidliziwe, namasango alo ashisiwe ngomlilo.”


Izimpawu zethu asiziboni; akusekho mprofethi; akakho kithina owaziyo ukuthi koze kube nini.


Emzini kusele incithakalo; isango livithiziwe, lachithwa.


Wayesethi uJehova kimi: “Abaprofethi baprofetha amanga egameni lami; angibathumanga, angibayalanga, angikhulumanga kubo; baprofetha imibono yamanga, nokubhula, nokuyize, nenkohliso yenhliziyo yabo.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ningawalaleli amazwi abaprofethi abaprofetha kini; banifundisa okuyize, bakhuluma umbono wenhliziyo yabo, kungengokuvela emlonyeni kaJehova.


ngomnyaka weshumi nanye kaSedekiya ngenyanga yesine ngolwesishiyagalolunye lwenyanga umuzi wafohlwa


AmaKaledi ashisa indlu yenkosi nezindlu zabantu ngomlilo, azidiliza izingange zaseJerusalema.


Amaqhawe aseBabele ayekile ukulwa, ahlala ezinqabeni zawo; amandla awo aphelile, anjengabesifazane; izindlu zalo zishisiwe, imigoqo yalo yaphuliwe.


Yonke impi yamaKaledi induna yabalindi eyayinayo yadiliza izingange zaseJerusalema nxazonke.


UJuda uthunjiwe ngenxa yokuhlupheka nobugqila obuningi; uhlala phakathi kwabezizwe, katholi ukuphumula; bonke abamzingelayo bamfica ephakathi kobuhlungu.


“Chezukani, ningcolile!” bamemeza kubo: “Chezukani, chezukani, ningathinti!” Lapho bebaleka bezulazula, bathi phakathi kwabezizwe: “Abasayikugogobala lapha.”


Umoya wamakhala ethu, ogcotshiweyo kaJehova, wabanjwa emigodini yabo, esathi ngaye: “Phansi kwethunzi lakhe siyakuphila phakathi kwezizwe.”


Ngiyakuleneka inetha lami phezu kwaso, sibanjwe ogibeni lwami; ngiyakusiyisa eBabele ezweni lamaKaledi. Kepha asiyikulibona, noma sifela khona.


Ngiyakweneka inetha lami, abanjwe ogibeni lwami, ngimyise eBabele, ngimahlulele khona ngeseqo sakhe eqe ngaso kimi.


Ingozi iyakwelanywa yingozi, umbiko ulandele umbiko; bayakufuna umbono womprofethi, kepha umthetho uyakuphela kumpristi nesiluleko kuwo amalunga.


Inkemba iyakutheleka emizini yabo, iqede imigoqo yayo, ibadle ngenxa yeziluleko zabo.


Ngokuba izinsuku eziningi abantwana bakwa-Israyeli bayakuhlala bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.*


Ngiyakwaphula imigoqo yaseDamaseku, nginqume abakhileyo eBikati Aveni, nophethe intonga eBeti Edene, abantu base-Aramu bathunjelwe eKhiri,” usho uJehova.


“UJehova uyakuyisa wena nenkosi oyibeke phezu kwakho kuso isizwe ongasazi, wena nawoyihlo, ukhonze lapho abanye onkulunkulu, imithi namatshe.


Kuyakuthi njengalokho uJehova wayejabula ngani ukunenzela okuhle nokunandisa, kanjalo uJehova ajabule ngani ukwenza ukuba nibhubhe, niqothulwe, nisishulwe ezweni eningena kulo ukulidla.


USawule wabuza kuJehova; uJehova akamphendulanga nangamaphupho, nange-Urimi,* nangabaprofethi.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan