Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




IsAmbulo 9:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kwaphuma isikhonyane emsini, seza emhlabeni, sanikwa amandla njengamandla abanawo ofezela bomhlaba.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

3 Kwaphuma isikhonyane entuthwini, saqonda emhlabeni, sanikwa amandla afana nalawo anikwa ofezela bomhlaba.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Kwaphuma isikhonyane emsini, seza emhlabeni, saphiwa amandla anjengamandla ofezela bomhlaba.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kwaphuma isikhonyane emsini, seza emhlabeni, saphiwa amandla anjengamandla ofezela bomhlaba.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




IsAmbulo 9:3
16 Iomraidhean Croise  

Manje ubaba wanithwesa ijoka elisindayo, mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngiyakunishaya ngawofezela.’ ”


Manje ubaba wanithwesa ijoka elisindayo, mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngawofezela.’ ”


yakhuluma kubo njengesiluleko sezinsizwa ngokuthi: “Ubaba walenza ijoka lenu lasinda, mina ngiyakwenezela kulo; ubaba wanishaya ngesiswebhu, mina ngawofezela.”


Impango iyakubuthwa njengokubutha kwecimbi, nanjengokuhlasela kwezinkumbi iyakuhlaselwa.


Wena ndodana yomuntu, ungabesabi, ungesabi namazwi abo, noma amakhakhasi nameva kukuwe, uhlezi phakathi kwawofezela; ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.


Okushiywe yisibotho kudliwe yisikhonyane, nokushiywe yisikhonyane kudliwe yizinkumbi, nokushiywe yizinkumbi kudliwe yinkasa.


“Ngiyakubuyisela kini iminyaka eyadliwa yisikhonyane, nezinkumbi, nenkasa, nesibotho, impi yami enkulu engayithuma phakathi kwenu.


Lapho umlilo uyakukuqeda, inkemba ikunqume, ikudle njengenkasa; zandise njengenkasa, zandise njengesikhonyane!


Izikhulu zakho zinjengezinkumbi, nezinduna zakho zinjengamaqulo esikhonyane esihlezi phakathi kwezingange ngosuku olumakhaza, kepha lapho liphuma ilanga, sindize simuke, ingabe isaziwa indawo yaso ukuthi iphi.


Bhekani, ngininikile igunya lokunyathela izinyoka nawofezela naphezu kwamandla onke esitha; anisoze noniwa lutho.


wakuhola ehlane elikhulu nelesabekayo elinezinyoka ezinesihlungu nawofezela nomhlabathi owomileyo, lapho kwakungekho manzi khona; wakuvezela amanzi edwaleni lensengetsha;


Sanikwa ukuba singababulali kepha sibahluphe izinyanga eziyisihlanu; nokuhlushwa kwabo kwaba njengobuhlungu bukafezela, nxa emqosela umuntu.


Nesimo sesikhonyane sasifana namahhashi alungiselwe ukulwa, nasemakhanda aso kukhona okunjengemiqhele efana negolide, nobuso bunjengobuso babantu;


AbakwaMidiyani nama-Amaleki nabo bonke abasempumalanga bahlala esigodini njengesikhonyane ngobuningi; amakamela abo ayengenakubalwa, engangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan