Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




IsAmbulo 17:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Izimpondo eziyishumi owazibonayo zingamakhosi ayishumi angakamukeli umbuso, kepha amukeliswa amandla njengamakhosi ihora linye kanye nesilo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

12 “Izimpondo ezilishumi owazibonayo zingamakhosi alishumi angakawemukeli umbuso, kodwa asewamukelisiwe amandla obukhosi isikhathi esiyihora elilodwa kanye nesilo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Izimpondo eziyishumi ozibonile zingamakhosi ayishumi angakawamukeli umbuso; kodwa amukele amandla njengamakhosi ihora linye kanye nesilo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Izimpondo eziyishumi ozibonile zingamakhosi ayishumi angakawamukeli umbuso; kodwa amukele amandla njengamakhosi ihora linye kanye nesilo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




IsAmbulo 17:12
12 Iomraidhean Croise  

nangezimpondo eziyishumi ezazisekhanda laso, nolunye olwavelayo, ezawa phambi kwalo ezintathu, lolo phondo olwalunamehlo nomlomo owawukhuluma izinto ezinkulu, olukubonakala kwalo kwakukukhulu kunezinye.


Izimpondo eziyishumi-ke, kulowo mbuso kuyakuvela amakhosi ayishumi, kuvele enye emva kwawo; iyakwahluka kwawokuqala, ithobise amakhosi amathathu.


Zase zithi kimi: “Kumelwe ukuba uphinde uprofethe ngabantu abaningi, nezizwe, nezilimi, namakhosi.”


Kwabonakala esinye isibonakaliso ezulwini; bheka, nango udrako* omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasemakhanda akhe enemiqhele eyisikhombisa;


Ngase ngibona isilo sikhuphuka elwandle, sinezimpondo eziyishumi namakhanda ayisikhombisa, nasezimpondweni zaso kukhona imiqhele eyishumi nasemakhanda aso kukhona amagama enhlamba.


Izimpondo eziyishumi owazibonayo, nesilo, lezi ziyakusizonda isifebe, zisenze incithakalo, sibe yize, zidle inyama yaso, zisishise ngomlilo, zisiqede;


emi kude ngokwesaba ukuhlupheka kwalo ethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu waseBabiloni, muzi onamandla, ngokuba ngehora linye nje, kufikile ukwahlulelwa kwakho!’


Ngokuba ngehora linye nje ingcebo engaka ichithekile.’ “Nabashayeli bonke bemikhumbi, nabo bonke abaya nomaphi ngomkhumbi, namatilosi,* nabo bonke abasebenza elwandle bemela kude,


Base bethela uthuli emakhanda abo, badazuluka bekhala, belila bethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu, abacebile kuwe bonke abanemikhumbi elwandle ngenxa yengcebo enqabileyo yakho, ngokuba ngehora linye nje uchithekile!


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan