Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




IsAmbulo 16:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Abantu bashiswa ngokushiswa okukhulu, kepha bahlambalaza igama likaNkulunkulu onamandla phezu kwalezi zinhlupho, kodwa abaphendukanga ukuba bamdumise.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

9 Abantu bashiswa ngukushisa okukhulu, kodwa balihlambalaza igama likaNkulunkulu onamandla phezu kwalezi zinhlupheko, futhi abaphendukanga ukuba bamnike udumo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Abantu bashiswa ukushisa okukhulu, bahlambalaza igama likaNkulunkulu onegunya phezu kwalezi zinhlupho, kepha abaphendukanga ukuba bamkhazimulise.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Abantu bashiswa ukushisa okukhulu, bahlambalaza igama likaNkulunkulu onegunya phezu kwalezi zinhlupho, kepha abaphendukanga ukuba bamkhazimulise.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




IsAmbulo 16:9
20 Iomraidhean Croise  

Esakhuluma nawo, bheka, inkosi yehlela kuye; yathi: “Bheka, lobu bubi buvela kuJehova; ngisamhlalelelani uJehova na?”


Ngesikhathi sokuhlupheka kwakhe waqhubeka ekuphambukeni kuJehova, yona leyo nkosi u-Ahazi.


Ningabe nisashaywa kuphi, nisaqhubeka ukwambuka, na? Lonke ikhanda liyagula, nayo yonke inhliziyo ibuthakathaka.


Bayakudabula izwe bexinekile, belambile; kuyakuthi lapho belamba, bavuke ulaka, bathuke inkosi yabo noNkulunkulu wabo, babheke phezulu.


Kwathi ngasekugcineni kwezinsuku eziningi uJehova wathi kimi: “Suka uye e-Ewufrathe, ulilande khona ibhande engakuyala ngalo ukuba ulifihle khona.”


Jehova, amehlo akho awaseqinisweni na? Ubashayile, kepha abadabukanga; ubaqedile, kepha balile ukwamukela ukulaywa; benza lukhuni ubuso babo kunetshe, bala ukuphenduka.


“ ‘Ngokungcola kobufebe bakho nangokuba ngikuhlambululile ungahlanjululwanga kodwa awusayikuhlanjululwa ekungcoleni kwakho, ngize nganelise ukufutheka kwami kuwe.


Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha kanjalo nonke.


Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke.”


funa kuthi ekufikeni kwami futhi uNkulunkulu wami angithobise phambi kwenu, ngililele abaningi abakade bonile, bengaphendukanga kukho ukungcola nobufebe namanyala abakwenzileyo.


UJoshuwa wayesethi ku-Akani: “Ndodana yami, ake umnike uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli inkazimulo, uvume kuye, ungitshele okwenzileyo, ungangifihleli.”


Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, kwawa okweshumi komuzi, nangokuzamazama komhlaba kwabulawa abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa, nabaseleyo bashaywa luvalo, bamdumisa uNkulunkulu wezulu.


isho ngezwi elikhulu, ithi: “Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo, ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile; nikhuleke kuye owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.”


Isichotho esikhulu esisinda njengetalenta* sivela ezulwini sehlela phezu kwabantu; abantu bamhlambalaza uNkulunkulu ngenxa yohlupho lwesichotho, ngokuba uhlupho lwaso lulukhulu kakhulu.


ngamnika isikhathi sokuba aphenduke, kepha kavumi ukuphenduka ekufebeni kwakhe.


Kepha abaseleyo babantu abangabulawanga ngalezo zinhlupho abaphendukanga emisebenzini yezandla zabo ukuba bangakhuleki kuwo amademoni, nezithombe zegolide, nezesiliva, nezethusi, nezamatshe, nezemithi, ezingenakho ukubona, nakuzwa, nakuhamba,


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan