Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




IsAmbulo 16:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Eyesihlanu yathululela isitsha sayo esihlalweni sobukhosi sesilo; nombuso waso wenziwa mnyama, baluma izilimi zabo ngenxa yobuhlungu,

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

10 Eyesihlanu yathululela isitsha sayo esihlalweni sobukhosi sesilo: umbuso waso waba mnyama, babeziluma izilimu zabo ngenxa yobuhlungu.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Eyesihlanu yathululela isitsha sayo esihlalweni sobukhosi sesilo; nombuso wakhe waba mnyama; baluma ulimi lwabo ngenxa yobuhlungu.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Eyesihlanu yathululela isitsha sayo esihlalweni sobukhosi sesilo; nombuso wakhe waba mnyama; baluma ulimi lwabo ngenxa yobuhlungu.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




IsAmbulo 16:10
22 Iomraidhean Croise  

Waphonsa kubo ukuvutha kwentukuthelo yakhe, nolaka, nokufutheka, nokuhlupheka, ngokuthuma izithunywa zobubi.


zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.


zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.


“Khona inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’


iyinqamule kabili, iyimisele isabelo sayo kanye nabazenzisi; kuyakuba khona lapho ukukhala nokugedla amazinyo.


kodwa abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.”


“Lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo, nxa senibona o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, nabaprofethi bonke embusweni kaNkulunkulu, kepha nina nikhishelwe ngaphandle.


Baziseni bonke, nithande abazalwane; mesabeni uNkulunkulu, niyazise inkosi.


Nabakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bethabe, bathumelane izipho, ngokuba laba baprofethi ababili babebahluphile abakhileyo emhlabeni.


Kepha igceke elingaphandle kwethempeli ulishiye ngaphandle, ungalilinganisi, ngokuba linikwe izizwe, nomuzi ongcwele ziyakuwunyathela phansi izinyanga ezingamashumi amane nambili.


Nezidumbu zabo ziyakusala ezitaladini zomuzi omkhulu othiwa ngokomoya iSodoma neGibithe, lapho neNkosi yabo yabethelwa khona.


ngokuba uNkulunkulu ukufakile ezinhliziyweni zazo ukuba zenze umqondo wakhe, ziwenze umqondo munye, zinike isilo umbuso wazo, aze agcwaliseke amazwi kaNkulunkulu.


“Nansi ingqondo enokuhlakanipha. Amakhanda ayisikhombisa ayizintaba eziyisikhombisa, lapho owesifazane ehlezi phezu kwazo. Futhi zingamakhosi ayisikhombisa;


Yamemeza ngezwi elinamandla, yathi: “Liwile, liwile iBabiloni elikhulu, selibe yindawo yokuhlala amademoni, nendawo yokubopha bonke omoya abangcolileyo, nendawo yokubopha zonke izinyoni ezingcolileyo nezizondekayo,


Ingelosi enamandla yafukula itshe linjengelokusila elikhulu, yaliphonsa elwandle, yathi: “Ngokunjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa.


nokukhanya kwesibani akusoze kwaphinda kukhanye phakathi kwakho, nezwi lomyeni nelomlobokazi alisoze labuye lizwakale phakathi kwakho, ngokuba izizwe zonke zidukisiwe ngokuthakatha kwakho,


Ingelosi yesine yayisibetha; kwashaywa okwesithathu kwelanga, nokwesithathu kwenyanga, nokwesithathu kwezinkanyezi, ukuze okwesithathu kwakho kufiphazwe, nemini ingakhanyi okwesithathu kwayo, nobusuku ngokunjalo.


Yayisivula umgodi wakwalasha; kwenyuka umusi emgodini njengomusi weziko elikhulu, kwafiphazwa ilanga nomkhathi ngomusi womgodi.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan