Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




Hoseya 1:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Izwi likaJehova elafika kuHoseya indodana kaBeri ezinsukwini zawo-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

1 Izwi likaSimakade elafika kuHoziya indodana kaBheri ezinsukwini zokubusa kuka-Uziya, uJothamu, u-Ahazi noHezekiya amakhosi akwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobhowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Izwi likaJehova elafika kuHosheya indodana kaBeri emihleni ka-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




Hoseya 1:1
26 Iomraidhean Croise  

UJowashi wayeselala koyise; uJerobowamu wahlala esihlalweni sakhe sobukhosi; uJowashi wembelwa eSamariya namakhosi akwa-Israyeli.


UJehowashi wayeselala koyise, wembelwa eSamariya namakhosi akwa-Israyeli; uJerobowamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Ngomnyaka weshumi nanhlanu ka-Amasiya indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, uJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, waba yinkosi eSamariya, wabusa iminyaka engamashumi amane nanye.


Ngomnyaka wesibili kaPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, uJothamu indodana ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi.


UJehova wayishaya inkosi, yaba ngonochoko kwaze kwafika usuku lokufa kwayo, yahlala endlini eyahlukanisiweyo. UJothamu, indodana yenkosi, wayephezu kwendlu ahlulela abantu bezwe.


U-Azariya wayeselala koyise; bammbela koyise emzini kaDavide; uJothamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


UJothamu wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; igama likanina lalinguJerusha indodakazi kaSadoki.


U-Ahazi wayeneminyaka engamashumi amabili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; akenzanga okulungile emehlweni kaJehova njengoDavide uyise,


Okungcwelisiwe kwakuyizinkabi ezingamakhulu ayisithupha nezimvu eziyizinkulungwane ezintathu.


Umbono ka-Isaya, indodana ka-Amose, awubonayo ngoJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda.


Kwathi ezinsukwini zika-Ahazi indodana kaJothamu ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, uResini inkosi yase-Aramu noPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, bakhuphukela eJerusalema ukulwa nalo, kepha babengenakulinqoba.


okwafika kuye izwi likaJehova ezinsukwini zikaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, ngomnyaka weshumi nantathu wokubusa kwakhe;


Kwafika kimi izwi likaJehova, lathi:


izwi likaJehova lafika kuHezekeli umpristi, indodana kaBuzi, ezweni lamaKaledi ngasemfuleni iKhebari. Isandla sikaJehova sasiphezu kwakhe lapho.


Izwi likaJehova elafika kuJoweli indodana kaPhethuweli.


Amazwi ka-Amose owayephakathi kwabelusi baseThekhowa, owabonayo ngo-Israyeli emihleni ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, iminyaka emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba.


Izwi likaJehova lafika kuJona indodana ka-Amithayi, lathi:


Izwi likaJehova elafika kuMika waseMoresheti ezinsukwini zikaJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, owalibona ngeSamariya neJerusalema.


Ngenyanga yesishiyagalombili ngomnyaka wesibili kaDariyu izwi likaJehova lafika kuZakariya indodana kaBerekiya ka-Ido, umprofethi, lathi:


Uma wathi bangonkulunkulu bona eleza kubo izwi likaNkulunkulu – nombhalo ungeqiwe –


Njengalokhu esho nakuHoseya ukuthi: “Ngiyakubiza abangesiso isizwe sami ngokuthi isizwe sami, nongathandiwe ngokuthi uthandiwe;


ngokuba akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu, kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan