Esteri 3:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE11 Inkosi yathi kuHamani: “Isiliva liyanikwa wena, nesizwe futhi, ukuba wenze kuso okuhle emehlweni akho.” Faic an caibideilIsiZulu 202011 Yathi kuHamani: “Isiliva ngelakho nabantu, yenza ngakho njengoba ubona kufanele.” Faic an caibideilContemporary Zulu Bible 202411 Inkosi yathi kuHamani: “Isiliva linikiwe wena nabantu ukuba wenze kubo okuhle emehlweni akho. Faic an caibideil |
Kwase kubizwa abalobi benkosi ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nantathu lwayo, kwalotshwa njengakho konke uHamani ayala angakho othulasizwe benkosi, nababusi ababephethe izifunda ngezifunda, nezikhulu zezizwe ngezizwe, izifunda ngezifunda njengokubhala kwazo, nezizwe ngezizwe njengolimi lwazo; kwalotshwa egameni lenkosi u-Ahashiveroshi, kwanamathiselwa ngendandatho yenkosi.
Bheka, manje sengiyakukhulula namuhla emaketangeni asezandleni zakho. Uma kukuhle emehlweni akho ukuya nami eBabele, woza ngiyakukubheka; kepha uma kukubi emehlweni akho ukuya nami eBabele, kuyeke; bheka, izwe lonke lisebusweni bakho; lapho kukuhle nalapho kulungile emehlweni akho ukuya khona, yiya lapho.”