Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




AmaHubo 102:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Jehova, yizwa umkhuleko wami; ukukhala kwami makufinyelele kuwe.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

1 Simakade, yizwa umkhuleko wami, ukukhala kwami makufiyinyelele kuwe.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Umkhuleko wosizi lapho ecindezelekile ethulula ukukhononda kwakhe phambi kukaJehova. Yizwa umkhuleko wami, Jehova, ukukhala kwami kufike kuwe.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




AmaHubo 102:1
28 Iomraidhean Croise  

Base besukuma abapristi namaLevi, bababusisa abantu; izwi labo lezwakala, nomkhuleko wabo wafika endaweni yakhe engcwele ezulwini.


“Ngenxa yokubandezeka kwabahluphekileyo nangokububula kwabampofu ngizakuvuka kalokhu,” usho uJehova, “ngimbeke ekusindisweni akulangazelelayo.”


Umoya wami uphelile kimi; inhliziyo yami igongobele phakathi kwami.


Shesha ungiphendule, Jehova; umoya wami uyaphela; ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabashona egodini.


Uyasuthisa ukufisa kwabamesabayo; uyezwa ukukhala kwabo, abasindise.


Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe.


“Yizwa umkhuleko wami, Jehova, ulalele ukumemeza kwami; ungathuli ngezinyembezi zami, ngokuba ngingumfokazi kuwe; ngiyisihambi njengokhokho bami bonke.


Ngiyakukhumbula lokhu, ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami, njengalokho ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulu ngenhlokomo yokwethaba nokubonga, ibandla ligubha umkhosi.


Yizwa izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngithandaza kuwe.


Ngikhala kuwe ngisemkhawulweni womhlaba, lapho inhliziyo yami isebuthakathakeni; ngiholele edwaleni eliphakeme kunami.


Thembani kuye ngezikhathi zonke nina bantu, nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe; uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela*


Ngiyamkhumbula uNkulunkulu ngibubula; ngiyazindla, umoya wami uyaphela amandla. Sela*


Kwathi sekudlulile izinsuku eziningi, inkosi yaseGibithe yafa; abakwa-Israyeli babubula ngenxa yobugqila, bakhala; ukukhala kwabo kwenyukela kuNkulunkulu ngobugqila babo.


Wazembesa ifu, ukuze imikhuleko yethu ingafinyeleli.


Nalapho ngikhala ngicela ukusindiswa, uyavalela umkhuleko wami.


Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.


owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Base besusa onkulunkulu babezizwe phakathi kwabo, bamkhonza uJehova; umphefumulo wakhe wakhathazeka ngokuhlupheka kwabakwa-Israyeli.


“Kusasa ngalesi sikhathi ngiyakuthuma kuwe umuntu wasezweni lakwaBenjamini; uyakumgcoba abe ngumholi wabantu bami u-Israyeli, asindise abantu bami esandleni samaFilisti, ngokuba ngibonile abantu bami, lokhu ukukhala kwabo kufikile kimi.”


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan