2 Samuweli 2:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE13 UJowabe indodana kaSeruya nezinceku zikaDavide baphuma bahlangana ngasechibini laseGibeyoni; bahlala phansi, abanye ngalapha kwechibi, abanye ngalapho kwechibi. Faic an caibideilIsiZulu 202013 UJowabe, indodana kaZeruya nezinceku zikaDavide, baphuma, bahlangana nabo ngasechibini eGibheyoni. Bahlala phansi, abanye ngakulolu hlangothi lwechibi, abanye bahlala ngakolunye. Faic an caibideilContemporary Zulu Bible 202413 UJowabe indodana kaSeruya nezinceku zikaDavide baphuma, bahlangana echibini laseGibeyoni; bahlala phansi, omunye engapha kokugeza omunye engapha kokugeza. Faic an caibideil |
“Futhi wena uyazi okwenziwayo kimi nguJowabe indodana kaSeruya, nalokho akwenzayo kuzo izinduna ezimbili zezimpi zakwa-Israyeli, o-Abineri indodana kaNeri no-Amasa indodana kaJetheri, owababulala, wachitha igazi lokulwa ngesikhathi sokuthula, wabeka igazi lokulwa kulo ibhande* lakhe elalisokhalweni lwakhe nasezicathulweni zakhe ezazisezinyaweni zakhe.