Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




2 Samuweli 15:31 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Kwabikwa kuDavide ukuthi: “U-Ahithofeli uphakathi kwabozungu luka-Abisalomu.” Wayesethi uDavide: “Jehova, mawuntumazelise amasu ka-Ahithofeli.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

31 Kwabikwa kuDavide ukuthi: “U-Ahithofeli uphakathi kwabozungu luka-Absalomu.” Wayesethi uDavide: “Simakade, ake uwenze inhlekisa amasu ka-Ahithofeli.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Kwasekubikelwa uDavida, kwathiwa: UAhithofeli uphakathi kwamagobe kaAbisalomu. UDavide wathi: “Jehova, guqula icebo lika-Ahithofeli libe ubuwula.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




2 Samuweli 15:31
23 Iomraidhean Croise  

Lapho u-Ahithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga, wayibophela imbongolo yakhe, wasuka, waya ekhaya emzini wakhe, wayala ngendlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise.


U-Abisalomu nabantu bonke bakwa-Israyeli bathi: “Isiluleko sikaHushayi umArki singcono kunesiluleko sika-Ahithofeli.” Ngokuba uJehova wayenqumile ukuba kushafiswe isiluleko esihle sika-Ahithofeli, ukuze uJehova amehlisele u-Abisalomu okubi.


Lokhu kuhlakanipha akusikho okwaphezulu kodwa kungokomhlaba, kungokwemvelo, kungokwamademoni;


Yebo, nomhlobo wami ebengimethemba, obedla isinkwa sami, ungiphakamisele isithende sakhe.


Isiluleko sika-Ahithofeli aluleka ngaso ngalezo zinsuku sasinjengokungathi bekubuzwe kuNkulunkulu; zazinjalo iziluleko zika-Ahithofeli kuDavide naku-Abisalomu.


Siphi isazi na? Uphi umbhali na? Uphi umphikisi walesi sikhathi na? UNkulunkulu kakwenzanga kube yize ukuhlakanipha kwaleli zwe na?


Hhawu, Jehova, ziningi izitha zami. Baningi abangivukelayo.


Uyachitha amacebo abanobuqili, ukuze izandla zabo zingabi nakufeza umgomo wabo.


U-Abisalomu wathuma walanda u-Ahithofeli umGiloni, umluleki kaDavide, emzini wakubo waseGilo, esanikela ngemihlatshelo. Uzungu lwaqina, abantu banda njalo ku-Abisalomu.


“Angikhulumi ngani nonke; ngiyabazi engibakhethileyo; kodwa nga kugcwaliseka umbhalo othi: “ ‘Odla isinkwa sami ungiphakamisele isithende sakhe.’


Umoya waseGibithe uyakuba yize ngaphakathi kwalo; ngiyakuchitha amasu alo; bayakufuna onkulunkulu, nezinyanga, nabanamadlozi, nabathakathi.


Bangizungeza ngamazwi enzondo; balwa nami, kungekho sizathu.


Ngokuba akusiso isitha esingiklolodelayo; ngabe ngiyakuthwala; akusiye ongizondayo oziphakamise phezu kwami; ngabe ngamcashela;


oshafisa izibonakaliso zabaprofethi bamanga, enze ababhuli ukuba bahlanye, obuyisela emuva abahlakaniphileyo, enze ukwazi kwabo kube ngubuwula;


Wayesethi u-Abisalomu: “Mawumbize noHushayi umArki, sizwe okusemlonyeni wakhe naye.”


UHushayi wathi ku-Abisalomu: “Isiluleko u-Ahithofeli eluleke ngaso manje asisihle.”


Imini nobusuku bahamba bezungeza phezu kwezingange zawo; okubi nokushinga kuphakathi kwawo.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan