Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




1 Samuweli 5:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Bathuma babutha onke amakhosi amaFilisti, bathi: “Wususeni umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ubuyele endlini yawo, ukuba ungasibulali thina nabantu bakithi,” ngokuba kwakukhona ukungquzuka okokufa emzini wonke; isandla sikaNkulunkulu sasinzima kakhulu khona.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

11 Bathumela, baqoqela ndawonye wonke amakhosi amaFilisti, bathi: “Wususeni umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ubuyele endaweni yawo, ukuze ungasibulali thina nabantu bakithi,” ngokuba kwaba khona ukwesaba okukhulu emzini wonke, besaba ukufa. Bheka, isandla sikaNkulunkulu sasinzima kakhulu kubo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Basebethuma, babutha zonke iziphathamandla zamaFilisti, bathi: Thumani umphongolo kaNkulunkulu kaIsrayeli, ubuyele endaweni yawo, ukuze ungasibulali thina labantu bakithi; ngoba kwakukhona incithakalo ebulalayo kuwo wonke umuzi; isandla sikaNkulunkulu sasinzima kakhulu lapho.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




1 Samuweli 5:11
7 Iomraidhean Croise  

Kepha izinceku zikaFaro zathi kuye: “Lo muntu uzakuba lugibe kuze kube nini na? Bavumele abantu ukuba bahambe bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo. Awukwazi ukuthi iGibithe seliyashabalala na?”


Base bethuma umphongolo kaNkulunkulu e-Ekroni. Kwathi ekufikeni komphongolo kaNkulunkulu e-Ekroni abase-Ekroni bakhala bathi: “Balethile umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli kithi ukuba usibulale thina nabantu bakithi.”


Kepha isandla sikaJehova sasinzima phezu kwabase-Ashidodi, wabachitha, wababulala ngamathumba, i-Ashidodi nemikhawulo yalo.


Niyakwenza imifanekiso yamathumba enu nemifanekiso yamagundane enu alonayo izwe, nimnike uNkulunkulu ka-Israyeli udumo; mhlawumbe uyakusenza lula isandla sakhe phezu kwenu, naphezu kwawonkulunkulu benu, naphezu kwezwe lakini.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan