Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




1 Samuweli 24:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Wathi kubantu bakhe: “Makube kude nami, Jehova, ukuba ngenze okunjalo kuyo inkosi yami, ogcotshiweyo kaJehova, ngelulele isandla sami kuye, lokhu engogcotshiweyo kaJehova.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

6 Wayesethi kubantu bakhe: “Akufanele neze, Simakade ukuba ngenze into enjengale enkosini yami, ogcotshiweyo kaSimakade, ngimbulale, ngokuba ungogcotshiweyo kaSimakade.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Wathi kubantu bakhe: “UJehova makangivimbe ukuba ngenze le nto enkosini yami, ogcotshiweyo kaJehova, ngelulele isandla sami kuye, lokhu engogcotshiweyo kaJehova.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




1 Samuweli 24:6
11 Iomraidhean Croise  

UDavide wathi kuyo: “Yini ukuba ungesabanga ukwelula isandla sakho, ubhubhise ogcotshiweyo kaJehova, na?”


UDavide wahlabeka enhliziyweni emva kokuba esebabalile abantu. UDavide wathi kuJehova: “Ngonile kakhulu ngalokho engikwenzileyo; kepha manje, Jehova, mawuthethelele ububi benceku yakho, ngokuba ngintumazele kakhulu.”


Wayesethi uNaboti ku-Ahabi: “Makube kude nami ngenxa kaJehova ukuba ngikunike ifa lawobaba.”


Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo


Babusiseni abanizingelayo; busisani, ningaqalekisi.


Qaphelani ukuba kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kepha jongani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye nakubo bonke.


Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaJehova naphambi kogcotshiweyo wakhe ukuthi ngithathe inkabi kabani, ngithathe imbongolo kabani, ngikhohlisile ubani, ngicindezele ubani, ngamukele umvuzo esandleni sikabani ukuba ngifihle amehlo ami ngawo na? Ngiyakukubuyisela kini.”


UDavide wabathiya ngalawo mazwi, akabavumelanga ukuba bamvukele uSawule. USawule wasuka emhumeni, wahamba.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan